EzintshaOrlando Pirates

Igejene kuMakaab noMorton kubangwa ekaNdah

Into ebangwayo? Umlando kalowo obengumdlali we-Orlando Pirates, u-Olisa Ndah odedelwe yileli qembu laseSoweto kuleli sonto.

Kuthe uma ixhala ngalezi zindaba zikaNdah ebezingalindelekile selehla, uMichael Morton wadedela “ibhomu” ngesikhathi salesi sitobha kwiPirates.

Akushilo kushiye abalandeli bePirates nabalandeli bebhola bebonke nje jikelele beshwamile futhi bengakholwa.

UMichael Morton ungene kwi-X la abe eseveza khona imininingwane emangazayo evela kuchwepheshe wezibalo zebhola u-@OptaJabu.

Uveze ukuthi namanje ‘akazikholwa’ izinombolo zalo mdlalo wasemuva odabuka eNigeria kwiPirates.

Lezi zibalo ziveza ukuthi iPirates ibinganqobi kangako uma kukhona uNdah enkundleni. 

Uma kunoNdah iPirates inqobe u-33% wemidlalo, kanti uma engekho izibalo zikhomba ukuthi inqobe u-67% wemidlalo. 

Lokhu kusho ukuthi iPirates ngokwezibalo iPirates inqoba kakhulu uma uNdah engekho. Le nkulumo eyhlanga kahle kwimenenja kaNdah uMike Makaab.

Ubone ukuthi le nkulumo yehlisa isithunzi salo mdlali wakhe futhi kungamvimbela nezesheli ebezimfuna.

“Hhawu ukuphawula okubi kanje, Michael Morton, okumangazayo wukuthi kuvela kumdlali oke wadlala esigabeni esikhokhelwyo,” kubhala uMakaab. 

“Kungani ungavumeli ukuthi uNdah akhunjulwe ngalokho akwenzele iqembu kunokuba wenze isitatimende esifana nalesi? Kuyadumaza kakhulu lokhu.”

Ingabe uNdah ulahlwa ngokungafanele yizibalo ezimbi, noma izinombolo zikhuluma iqiniso abalandeli abebengakakulungeli ukulizwa? 

Khonamanjalo, kubhekw engabomvu ukuthi uzophelelaphi uNdah njengoba ezicelele yena ukudedelwa kwi-Orlando Pirates nje.