Ezintsha

IGallants nesitatimende esimangazayo ngo-Ouaddou ‘osulile’

Lokhu kuza ngemuva kwesimemezelo esikhishwe yilo mqeqeshi ngoLwesihlanu, evalelisa kuleli qembu laseBloemfontein.

Kodwa-ke, ngoMsombuluko iGallants ikuchithile lokho, yathi yona ayikatholi lutho oluvela kulo mqeqeshi okuveza ukuthi uyashiya kulo msebenzi. 

“IMarumo Gallants ifisa ukucacisa ngamahlebezi akamuva mayelana nesimo somqeqeshi, u-Abdeslam Ouaddou,” kusho ikilabhu esitatimendeni.

 “Ikilabhu ingaqinisekisa ukuthi ayikatholi ncwadi esemthethweni noma isaziso sokusula kukamqeqeshi. 

“Ngenxa yalokhu, ngeke siphinde siphawule ngemibiko engaqinisekisiwe esakazwayo njengamanje.”

U-Ouaddou ujoyine le kilabhu ngoMashi futhi waba nomthelela ngokushesha. 

Ngaphansi kobuholi bakhe, iGallants inqobe imidlalo emihlanu kwengu-12, yadlala ngokulingana kwemine, yahlulwa kwemithathu kuphela. 

Iqede isizini yeBetway Premiership isendaweni yeshumi, kanti ishode ngephuzu elilodwa ukuthi ingene kwiTop 8.

Yize ikilabhu iphikile, isitatimende sika-Ouaddou sizwakalise ukubonga nokuvalelisa.

 “Ngingathanda ukumemezela ngalesi sitatimende ukuphela kohambo lwami neMarumo Gallants,” kusho yena.

 “Ngibonga bonke abadlali, umengameli wekilabhu, abalandeli, nawo wonke umuntu waseBloemfontein. Nizohlala ninendawo enhliziyweni yami.”

Wengeze ngokuthi usavulelekile uma kuvela ithuba eqenjini elinezinhloso ezinkulu, futhi usekulungele ukubhekana nenselelo entsha.

NgoMsombuluko iLisenethini ibike ukuthi iChippa United isikhombise intshisekelo yokulanda lo mqeqeshi. 

Leli qembu lase-Eastern Cape lisanda kuhlukana nomqeqeshi uThabo September, okwenza u-Ouaddou abe ngomunye wababhekwe ukuthi bathathe izintambo ngesizini ka-2025/26.

Ukuthi iGallants no-Ouaddou bahlukene ngampela yini sekuzocaca ngokuhamba kwesikhathi. 

Kodwa njengoba amakilabhu afana neChippa esevele emfuna, umnyakazo olandelayo walo mqeqeshi ungase uzothatha amehlo.