
ICity ibuyise omunye umqeqeshi ‘obehobile’ kwesika-Ertugral
I-Cape Town City isimemezele ithimba elisha labaqeqeshi ngemuva kokuhlukana noMuhsin Ertugral ngoMsombuluko ntambama.
ICityzens imemezele ukuthi u-Ertugral uvumile ukunqamula ubudlelwano bakhe nekilabhu ngemuva kokuba kuyo isikhashana.
Lo mqeqeshi waseTurkey ujoyine leli qembu ezobamba isikhashana ngemuva kokuxoshwa kuka-Eric Tinkler ngoJanuwari.
Uqashwe njengomqondisi wezokuqeqesha, kodwa kwathiwa uzoqeqesha iqembu kuze kuphele isizini bese kuqashwa umqeqeshi omusha.
Uqashwa nje u-Ertugral ubesenesikhathi eside agcina ukuqeqesha ebholeni lakuleli.
Kodwa ngemuva kokuqala ngendlela ethembisayo, lapho u-Ertugral eshaye khona iziqhwaga zaseSoweto iKaizer Chiefs ne-Olrando Pirates kulandelana, izinto zivele zabhimba.
Futhi njengoba sekusele imidlalo eyisikhombisa kuphele isizini, ukhonjwe emnyango kanti lesi sinqumo kuthiwa sithathwe ngenhloso yokusiza iqembu.
Manje iCity isimemezele ukuthi omunye umqeqeshi osenesikhathi ehlabe ikhefu ebholeni lakuleli, uRoger De Sa uzoba yingxenye yethimba labaqeqeshi elizoqeda isizini.
UDe Sa, ongumqeqeshi onamava, useneminyaka ecishe ibe ngu-10 engekho ebholeni lakuleli.
Ujoyina iCity njengephini lomqeqeshi kanti uDiogo Peral nguye ozohola leli thimba. ULebogang Manyama uzoba yiphini lesibili.
“Umqeqeshi weqembu lokuqala uDiogo Peral uzohola ithimba labaqeqeshi kuze kuphele isizini,” kusho iCity esitatimendeni.
“Uzosizwa nguLebogang Manyama noRoger De Sa.” ICity isendaweni ka-13 kiwlogi yeBetway Premiership ngemuva kwemidlalo engu-23.
Ilengela ezembeni njengoba ishiya iSuperSport United esendaweni yezembe ngamaphuzu amabili nje kuphela.
Yindawo leli qembu elingakaze lizithole likuyo kusukela lasungulwa njengoba livamise ukuqeda emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu.
