EzintshaOrlando Pirates

Omunye ungqimphothwe kwekaSaleng ne-Orlando Pirates

NgoMsombuluko ebusuku, ngesikhathi iPirates ifulathela elakuleli ilibhekisa eSpain la iyolungiselela khona isizini, kuvele ukuthi uSaleng usalile.

Kube sekuphinde kuvela ukuthi uzobuye alandele ayojoyina ozakwabo ngemuva kokuthi elingise ubudlelwane bakhe neqembu. 

Kodwa manje ngoLwesibili ntambama iSABC Sport seyiqhamuke nezinye, ithi lo mdlali uzobolekiswa.

Ngokwalo mbiko, kunezingxoxo phaathi kwePirates nomakoti beBetway Premiership i-Orbit College ngokubolekisana ngalo mdlali.

Lezi zingxoxo kuthiwa sezisezingeni eliphezulu futhi ngazo kuhloswe ukuthi uSaleng ayovuselela ibhola lakhe eqenjini elingenayo ingcindezi enkulu. 

USaleng uhlale isikhathi esingaphezu kwezinyanga eziyisithupha engadlali kwiPirates ngesizini edlule – udlale imidlalo emihlanu kuphela.

UMonnapule Saleng ugcine ukubonakala kwi-Orlando Pirates ngoDisemba bebhekene ne-Al Ahly emdlalweni weCaf Champions League.

Lokho kwabe sekuqubula amahlebezi okuthi ufunwa yilezi zinkunzi zase-Egypt, okuyinto iPirates eyayiphika. 

Kodwa ngale kokuphika lawo mahlebezi, i-Orlando Pirates ayikaze isho lutho olunye ngesimo sikaMonnapule Saleng eqenjini layo.

Manje sekuvela ukuthi eziphuma kubantu basedolobheni azalwa kulo uSaleng, eBloemhof, eNorth West, zithi uzobuyela kwi-Orbit College. 

Leli qembu yilapho uSaleng aqala khona ukugqama ngaphambi kokudlulela kwiFree State Stars njengoba egcine efike kwiPirates eminyakeni emine edlule.

I-Orbit College isanda kkhushulelwa esigabeni esiphezulu sebhola ngemuva kokudla ubhedu emidlalweni yokuhlunga. 

Uma lesi sivumelwano siphothulwa, uMonnapule Saleng uzobuyela endaweni ayijwayele eNorth West.

Kuzobe kunethemba lokuthi uzophinde athole umgqigqo omenze intandokazi yabalandeli be-Orlando Pirates. 

Phambilini uke wabolekiswa ngempumelelo kwiMoroka Swallows ngaphambi kokuba abuyele kwiPirates afike abe yisihlabani ngaphansi kukaJose Riveiro. 

Kuvela ukuthi iPirates ifuna ukuphothula ukubolekisa ngoSaleng ngokushesha ukuze kuphele ukuqagela ngekusasa lakhe.

I-Unplayable yona isibike ukuthi uSaleng usevele uvumile ukuthi abolekiswe kwi-Orbit College futhi usendleleni esay kuyo.

“Uvumile ukubolekiswa kwi-Orbit. Sekuqediwe… manje sekusele isimemezelo nje,” kucashunwe umthombo usho kanje.