EzintshaKaizer Chiefs

IChiefs izojika indlela ehlonza ngayo abadlali – Nabi

ILisenethini ibike ngesonto eledlule ukuthi iChiefs manje isibheka kubadlali baseNingizimu Afrika abangaphandle kwezwe. 

UNabi uvumile ukuthi Amakhosi asezohlonza kubadlali abangaphandle kweNingizimu Afrika ngemuva kokuzabalaza ukudayiselwa ithalente elisezingeni eliphezulu kwiligi yakuleli.

Njengamanje iKaizer Chiefs isendaweni yesishiyagalombili kwiBetway Premiership, ngamaphuzu angu-28 ngemuva kwemidlalo engu-20. 

Nokho isele ngamaphuzu amathathu kuphela kwiStellenbosch FC esendaweni yesithathu. 

Isekhona nakiwNedbank Cup la isingene khona emzuliswaneni wemidlalo eyandulela owamanqamu. \

Ekhuluma ne-iDiski Times muva nje, uNabi uchaze indlela entsha ezosetshenziswa yiqembu ukuthola abadlali abasha.

“Siyawazi umbango okhona (ngabadlali bakuleli). Kunzima ukusayinisa abadlali bamaqembu akuleli,” kusho yena. 

“Ngakho, sidinga ukushintsha isu lethu. Mina nabaphathi sesivumelene ngohlelo olusha.”

UNasreddine Nabi ukuqinisekisile ukuthi iKaizer Chiefs isizobheka ngale kweNingizimu Afrika ukuze iqinise iqembu kusukela ngesizini ezayo. 

Nokho ukugcizelele ukuthi yena akajahile abadlali abanamagama amakhulu. Basanda kumataniswa noSiphelele “Yaya” Sithole. 

“Angiwadingi amagama amakhulu. Ngidinga abadlali abazongena ohlakeni lwami lokudlala,” kwengeza lo mqeqeshi. 

“Uma kunesidingo, sizophumela ngaphandle kweNingizimu Afrika.”

Uvumile ukuthi isikwati sakhe samanje asiqinile ngokwanele. Uthi abadlali abahlanu noma abayisithupha kuphela abafanele uhlaka lwakhe. 

Ukholwa ukuthi ukwengeza abadlali abasezingeni kuzokwenza iChiefs iphinde ibe sezingeni elifanele.

“Uma silinganisa iqembu nekhwalithi, kuzoba yisiqalo sempumelelo,” kuqhube yena. 

“Uma kukhona uNabi noma ngaphandle kwakhe, iChiefs kumele ibe nabadlali abafanele.”

UNabi uphinde waxwayisa ngokusayinisa abadlali abaningi kakhulu.

“Abadlali abaningi balimaza iqembu nabadlali abasebancane abakhulayo,” kusho uNabi.