
IChiefs inunuselwa ngomgadli ‘othembisayo’
- Intatheli yeLISENETHINI
IKaizer Chiefs imataniswa nomgadli oneminyaka engu-24 ubudala, uYawo Agbagno, okubikwa ukuthi imlethelwa yimenenja yakhe uMike Makaab.
U-Agbagno, obegijima eqenjini lase-Algeria, i-ASO Chlef, angase abe aqinise kubagadli kwiChiefs, kodwa isinqumo sokugcina silele kumqeqeshi uNasreddine Nabi.
U-Agbagno ungumgadli othembisayo, okuyinto ayibonakalise ikakhulukazi ngesikhathi ekwi-ASO Chlef, lapho ekhombise ukuba nekhono lokushaya amagoli.
Nokho ukuya kwakhe kwiKaizer Chiefs kuncike ekuvunyweni nguNabi njengoba kubikwa ukuthi lo mqeqeshi usathungatha umgadli azokwazi ukuqinisa ngaye phambili.
UNabi ubekade ebheke uFiston Mayele wePyramids FC, kodwa kubonakala sengathi ngeke amthole ngenxa yemali eshisiwe efunwa ngaye.
Kuthiwa leli qembu lase-Egypt lifuna Amakhosi abeke u-R27-million etafuleni uma efuna ukudayiselwa lo mgadli odabuka eDR Congo.
Njengoba iChiefs idinga ukuqinisa phambili, u-Agbagno angaba wusizo uma isifiso sayo ngoMayele sigcina ngokungaphumeleli.
Nokho ukusayinisa umgadli wangaphandle njengo-Agbagno kuzodinga ukuthi iChiefs idedele omunye wabadlali bayo bangaphandle.
OLUNYE UDABA: Sekuqinisekisiwe, kuphelile ngeMaritzburg United
UChristian Saile kunamahlebezi okuthi nguyena ongase adede indawo uma u-Agbagno nanoma yimuphi umdlali wangaphandle, ejoyina Amakhosi.
