
IBucs ichithe elaseMiddle East ngesethenjwa sayo
- Sibongiseni GUMBI
Ivele yakhetha ukusheshe inyakaze i-Orlando Pirates, ibophezele esinye sezethenjwa zayo ngokuselulela inkontileka.
Kuvela ukuthi bekunamaqembu athile kwiBetway Premiership, nelaseMiddle East abebuza ngesimo sikaDeon Hotto.
Inhloso bekuwukuthi uma iPirates ishaya uzamthilili ngaye, bese lamaqembu egxuma emsayina ngokushesha.
Phela kuthiwa uHotto uphelelwa yinkontileka ekupheleni kwale sizini, kanti kusukela ngoJanuwari ubesengakhuluma nanoma yiliphi elinye iqembu.
Kodwa, ngokubika kweSoccer Laduuma, iPirates isiphinde yamsayinisa enye nkontileka yonyaka ehambisana nombandela wokwengeza omunye unyaka uma iphela.
Lokhu kusho ukuthi lesi sihlabani esidabuka eNamibia sesizohlala kwiBucs kuze kube nguJuni ka-2026.
Lo mbiko uveze ukuthi iPirates ayikafuni ukulahlekelwa yilo mdlali oyinxele odlala izindawo eziningi.
UHotto uyadlala emuva kwesokunxele nakwesokudla, adlale esiswini kwesokunxele aphinde adlale njengomgadli uma kunesidingo.
Ungomunye wabadlali abayizethenjwa zikaJose Riveiro njengoba engasali nangephutha esikimini salo mqeqeshi.
