
UCardoso uphawula ngokulimala kukaLebo Mothiba
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, useveze ulwazi olusha ngokulimala komgadli wakhe uLebo Mothiba.
UMothiba ubonakale edonseka umsipha ngasekupheleni komdlalo bebhekene neBorussia Dortmund kwiFifa Club World Cup.
ISundowns ihlulwe ngo 4-3 kulo mdlalo obushesha futhi ushisa ngendlela emangalisayo obe namagoli ayisikhombisa ngoMgqibelo ebusuku.
AmaBrazilians abehambe phambili kusanda kuqala umdlalo ngegoli elihle likaLucas Ribeiro.
Kodwa iDortmund iphendule ngamagoli amane ukuze kuyiwe ekhefini isihamba phambili ngo 3-1. Yengeze elinye esiwombeni sesibili kwaba u 4-1.
U-Iqraam Rayners ube esebuyisela iSundowns emdlalweni enza kube u 4-2, uCardoso wabe esenza izinguquko ezintathu ezibalulekile.
Omunye walabo badlali abafakile uLebo Mothiba ongene washaya igoli lesithathu leSundowns.
Ngasekupheleni komdlalo, uJayden Adams uthumelele uLebo Mothiba ibhola elide.
Ngesikhathi elijaha, lo mgadli weBafana ubonakale eba nenkinga, kwabonakala ukuthi ulimele.
Ekhuluma ngemuva komdlalo, uCardoso ukuqinisekisile ukuthi akukona akalimalanda idolo.
“Mayelana noLebo, angazi ngokuqinisekile,” kusho lo mqeqeshi weSundowns.
“Kuzofanele ahlolwe ukuze kubhekwe ukuthi uthinteke umsipha yini. Kodwa akukho lutho edolweni.”
ULebo Mothiba useke wabhekana nezinkinga zokulimala idolo phambilini, ngakho ukuthi akulona idolo kulokhu kwenza isimo sibe ngconywana.
Ukuhlolwa okwengeziwe kuzoqinisekisa izinga lokulimala kwakhe ukuze kutholakale ukuthi uzokwazi yini ukudlala kolandelayo.
ISundowns idlala neqembu laseBrazil iFluminense emdlalweni wayo wokugcina esigabeni samaqoqo ngoLwesithathu.
Umphumela walo mdlalo yiwona ozonquma ukuthi idlulela esigabeni somkhumulajezi noma ibuyela ekhaya yini.
Ukunqoba kuphela kulo mdlalo okuzokwenza aMasandawana aqophe umlando adlulele esigabeni esilandelayo salo mqhudelwano womhlaba.
