Betway PremEzintsha

ISekhukhune isiphinde yadiliza abanye abathathu

Iqembu leBetway Premiership laseLimpopo, iSekhukhune United seliqhubekile nokukhuculula njengoba selidedele abanye abadlali abathathu.

Lokhu kwenza babe yishumi sebebonke abadlali abakhululwe yileli qembu kanti kubo kukona noLinda Mntambo othathe umhlalaphansi.

Kuleli sonto seliqinisekise ukuthi abadlali abanamava oTrèsor Yamba Tshibwabwa, u-Andy Boyeli, noShaune Mogaila nabo sebekhululiwe.

Balandela ukudedelwa kwezinye izingwevu okukhona kuzo oBradley Grobler noThabang Monare. 

Ngokwesitatimende esikhishwe yi-Sekhukhune United, uTshibwabwa noBoyeli bahlukane neqembu ngokuvumelana ukunqamula izinkontileka. 

Ngakolunye uhlangothi, uMogaila yena udedelwe kulandela ukuphela kwenkontileka yakhe ngokusemthethweni.

Igalelo labo nethalente enkundleni kusize kakhulu ekubumbeni isahluko esisha nesibalulekile emlandweni weSekhukhune United esigabeni esiphezulu.

Ekubavaleliseni, abaphathi beqembu bazwakalise ukubonga okukhulu ngokuzikhandla kwabo.

“Iqembu lidlulisa ukubonga okusemthethweni kubo bonke laba badlali ngomsebenzi wabo oncomekayo nobalulekile.

“Futhi sibafisela okuhle kodwa emisebenzini yabo elandelayo,” kusho ikilabhu.

Njengoba lokhu kuhamba kwalezi zilomo sekuqinisekisiwe, kulindeleke ukuthi i-Sekhukhune United ingene emakethe ilande abadlali.