Ezintsha

I-Safa kwelinye ihlazo elibi lokungakhokhi 

Amakilabhu ayisishiyagalombili aakwiGauteng Sasol Women’s League athi le nhlangano iwakweleta imali engaphezu kuka-R1 million.

Le mali ngeyezibonelelo nemihlomulo osekunesikhathi i-Safa ingayikhokhi.

Kuvela lokhu nje i-Safa isanda kuvuma ukuthi iyehluleka ukukhokha imiholo yabasebenzi ngesikhathi esifanele ngoMashi. 

Ngesonto eledlule, imibiko iphinde yaveza ukuthi iqembu labesifazane abaneminyaka engaphansi kuka-20 lihlukumezekile ngenxa yokushoda kwamanzi ngesikhathi lisekhempini.

Lokhu bekungenxa yokuthi i-Safa ibengawakhokhelile amanzi esikhungweni sayo esiseningizimu neGoli. 

Manje, la makilabhu eSasol League athi sekuphele iminyaka emithathu engayitholi imali. 

Imali ekweletwayo ihlanganisa imali yebheji, imali yezindleko zokuhambela imidlalo, izimali zomdlalo, nemali yemiklomelo. 

“Lo mthwalo wemali uphoqe amakilabhu ukuthi angene ezikweletini ezingalawuleki, amanye athathe aboleke imali ukuze akhokhe izindleko,” kusho amaqembu encwadini.

Amakilabhu afuna ukukhokhelwa ngokushesha. Aphinde asabisa ngokuthatha izinyathelo zomthetho uma i-Safa ingaphenduli zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa. 

Amanye amaqembu angase ayidube imidlalo ezayo, ngokubika kweSunday World.

URaletjena weSafa uphendule wathi lolu daba seludluliselwe ehhovisi elikhulu kodwa akukho sinqumo esesithathiwe. 

Uphinde waxwayisa amakilabhu ngokuthi isifundazwe ngeke sikugunyaze ukuhlehliswa kwemidlalo.

ISasol, engumxhasi wale ligi, uzwakalise ukukhathazeka okukhulu ngalesi simo. 

Okhulumela iSasol, uMatebello Motloung uthe bayaxhumana neSafa ukuze bahlonze isixazululo salolu daba.

Kubikwe ukuthi iSafa ayizange iphendule emibuzweni ethunyelelwe yona mayelana nalolu daba lwemali eyikweletayo.