Bafana BafanaEzintsha

ISafa isikhiphe usuku lokwethula umqeqeshi omusha weBafana 

Inhlangano eyengamele ibhola eNingizimu Afrika (Safa) isilukhiphile usuku ezomemezela ngalo umqeqeshi omusha we-Bafana Bafana.

Ithi uzokwethulwa emphakathini ngoMgqibelo ozayo, ka-Agasti 8, ngemuva komhlangano weNational Executive Committee (NEC).

Umengameli weSafa, uDanny Jordaan, ukuqinisekisile lokhu ngesikhathi kuvaleliswa obengumqeqeshi weBafana, uHugo Broos.

UJordaan uthe iNEC izohlangana ngesonto elizayo ukuze igunyaze igama elizobe elinconywe yikomidi lezokuqeqesha.

“NgoMgqibelo ozayo sizoba nomhlangano weNEC, lapho kuzothathwa khona isinqumo sokugcina,” kusho uJordaan.

Ikomidi lezokuqeqesha eliholwa nguJack Maluleke selivele lixoxisane okungenani nabaqeqeshi abane baseNingizimu Afrika njengoba liqhubeka nokufuna ozovala isikhala sikaBroos.

Kubikwa ukuthi ngaphakathi kwi-Saf kunombono oqinile wokuthi sekuyisikhathi sokubuyela kumqeqeshi wakuleli kwi-Bafana Bafana.

Owake waba ngumqeqeshi weBafana, uPitso Mosimane, ubukeka ephambili ekuthatheni lo msebenzi.

Umqeqeshi omusha kuzomele afike ekulungele ukusebenza njengoba iBafana izobhekana neGuinea emdlalweni wayo wokuqala wokuhlungela i-Africa Cup of Nations ka-2027.

Lo mdlalo uzoba  phakathi komhla ka-23 no-25 Septhemba. 

Kuzomele futhi aqale ukubheka abadlali njengoba isizini yeBetway Premiership iqala kule mpelasonto.