
Akucaci ngoRanga Chivaviro ‘ogejayo’ kwiKaizer Chiefs
Ikusasa likaRanga Chivaviro kwiKaizer Chiefs libukeka lingaqiniseke njengoba lo mgadli ehlulekile ukwenza kahle kule minyaka emibili edlule kuleli qembu.
Isimo senkontileka yalo mgadli sesivele sisuse ukuqagela ngekusasa lakhe kwiChiefs ebheke ukuqinisa ngesizini ezayo.
Ngesikhathi uChivaviro ejoyina iKaizer Chiefs bekulindele lukhulu kodwa izinto azikamhambeli kahle.
Imibiko iveza ukuthi iKaizer Chiefs isiqalile ukubhekisisa indima kaRanga Chivaviro eqenjini ngaphambi kwesizini ezayo.
Iqembu lihlose ukuqinisa izindawo ezibalulekile, futhi ukusebenza kukaChivaviro kungaba nomthelela esinqumweni salo.
Imithombo esondelene neqembu ikhomba ukuthi iKaizer Chiefs iyamazisa uRanga Chivaviro kodwa kumele ibhekisise ukusebenza kwakhe nezidingo zeqembu.
Imidlalo yakamuva kaChivaviro ibone ezithola ehhahhanyezwa abalandeli bengenelisekile ngaye.
Ithimba labaqeqeshi leChiefs kubikwa ukuthi liyadingida ukuthi uChivaviro uyangena yini ezinhlelweni zomqeqeshi uNasreddine Nabi ukuya phambili.
Imenenja kaChivaviro kuthiwa izwakalise ithemba ngokuxazulula lesi simo kahle.
Abaphathi beChiefs kulindeleke ukuthi bathathe isinqumo esingujuqu ngemuva kokuphela kwesizini.
Khonamanjalo, uChivaviro yena usazibophezele ekuthuthukeni nokuba nesandla ezifisweni zeChiefs.
I-SNL.com nokho iveza ukuthi uChivaviro uzobe esebheka kwenye indawo uma kumbhedela kuleli qembu elizinze eNaturena.
Ngaphambi kokujoyina iKaizer Chiefs, uRanga Chivaviro ubefunwa yinqwaba yamaqembu okubalwa neRichards Bay FC namanye angaphandle kwemingcele yaseNingizimu Afrika.
“Ngesikhathi ejoyina iqembu, wayenethemba elikhulu lokuthuthuka ngoba wayedlala kahle,” kwacashunwe umthombo usho kanje.
“Wayezethemba ukuthi uzokwenza kahle, kodwa izinto azimhambelanga ngendlela abengathanda ngayo.
“Ubuhlobo bakhe nabalandeli abuzange busisize isimo sakhe futhi uyazi ukuthi izinto azibukeki kahle kuye.
“Abaphathi bakhe baphezu kwalo udaba lwesimo sakhe futhi bayathemba ukuthi ngeke aliswele iqembu,” kwengeza umthombo.
