EzintshaOrlando Pirates

IPirates isingambhalisa ‘ozovala isikhala sikaHotto’ 

Leli qembu kudingeke ukuthi lilinde ngesineke ukuphothulwa kodaba lwezomthetho lweCape Town Spurs ngomunye wabadlali bayo. 

Isihlabani esisezincane seSpurs uReece Braithwaite ekugcineni useyitholile imvume yokuthi angabhaliswa kwi-Orlando Pirates.

Lokhu kusho ukuthi lo mdlali wasemuva okuthiwa unethalente elimangalisayo usezojoyina iPIrates ngokusemthethweni. 

UReece Braithwaite sekunesikhathi elindilekumaBhakabhaka futhi kuvela ukuthi ubeseqalile ukujima neqembu.

AmaBhakabhaka nokho awakwazanga ukumethula esalinde kuphothulwe inkinga yakhe neSpurs ebiphikisana nokusayinwa kwakhe mahhala. 

Nokho lolu daba kubikwa ukuthi manje seluphothulile futhi, iSpurs seyigcine imnikile incwadi emkhululayo ukuba ajoyine elinye iqembu.

Ngokombiko weSABC Sport iSpurs inqume ukungaqhubeki nempi yayo yezomthetho futhi isikhiphe ngokusemthethweni imvume kaBraithwaite. 

Lo mbiko uphind ewaveza ukuthi i-Orlando Pirates ibona lo mdlali oneminyaka engu-20 ubudala kunguye ozogcina ethathe indawo kaDeon Hotto.

UDeon Hotto nguye isethenjwa emuva kwesokunxele njengamanje kuleli qembu lika-Abdeslam Ouaddou kanti njengoba ekhula iqembu liyamdinga osemncane.

Njengamanje uyibanga noNkosikhona Ndaba le ndawo, kanti uBraithwaite uzokwengeza umbango njengakwezinye izindawo eqenjini. 

UHotto, odabuka eNamibia useneminyaka engu-35 ubudala kanti akusekude ukuthi kufike lapho ezothatha khona umhlalaphansi.

UHotto ujoyine amaBhakabhaka emuva ngo-2020 esuka kwiBidvest Wits. Usedlale imidlalo engu-233 kuleli qembu.