EzintshaOrlando Pirates

IPirates nesimemezelo ngekusasa likaMaswanganyi 

I-Orlando Pirates iqinisekisile ukuthi isifinyelele esivumelwaneni neqembu leBahrain Premier League i-Alkhaldiya Sports Club ngokudayiselana ngomdlali othandwa kakhulu ngabalandeli, uPatrick “Tito” Maswanganyi.

LOkhu kuphetha isahluko salo mdlali oneminyaka engu-28 ubudala kwiPirates lapho ebeyintandokazi yabalandeli khona.

Lokhu kuza ngesikhathi uMaswanganyi ubelokhu eyingxenye ebalulekile yezinhlelo zethimba labaqeqeshi kule sizini. 

Kodwa, ngokusho kwale kilabhu, ngemuva kwezingxoxo nomdlali nethimba lakhe, kucacile ukuthi uzimisele ngokuthatha leli thuba. 

Kunokuba iqembu limvimbe, likhethe ukuhlonipha isifiso sakhe, futhi kwaqedwa isivumelwano sokudayiswa kwakhe eqenjini laseBahrain.

Lokhu kuyisinyathelo esikhulu kwi-Orlando Pirates njengoba u-Patrick Maswanganyi engomunye wabadlali abathandwa kakhulu ngabalandeli. 

Esitatimendeni, ikilabhu ibonge umthelela wakhe kokubili enkundleni nangaphandle kwayo.

Ithi wanikeza abalandeli izinkumbulo ezinhle abangasoze bazilibala, futhi wamela iqembu ngesizotha kusukela ngosuku lokuqala.

Iqinisekisa lokhu kudluliswa, i-Orlando Pirates ibonge u-Patrick Maswanganyi ngomsebenzi wakhe futhi yamfisela impumelelo njengoba eqala isahluko esisha eBahrain.