
IChiefs ilinga iSundowns ngesihlabani sayo
IKaizer Chiefs ingase ithuse abaningi ngomunye wabadlali ezobasayiina njengoba kuvulwe iwindi lokudayiselana ngabadlali.
Kuvela ukuthi Amakhosi alinga iSundowns ngokuthi iwadedelele omunye wabadlali bayo abathandwa ngabalandeli kuleli.
ISunday World ibika ukuthi iChiefs isebenza ixoxisana neSundowns ngokusayinisa uThembinkosi Lorch.
ULorch, owashiya kwi-Orlando Pirates waya kwiSundowns ngoJanuwari nyakenye, kungenzeka aphinde amangaze nakulokhu.
Kuyaziwa ukuthi esinye sezizathu ezenze umqondisi wezemidlalo weSundowns uFlemming Berg nowayengumqeqeshi uRulani Mokwena wukusayinwa kukaLorch.
Kuthiwa uMokwena wamsayina ngenkani uLorch, abanye abaphathi bengayizwa indaba yakhe.
Naye ke akazange azakhele igama elihle njengoba eke wenza izinto ezingahambisani nokuziphatha komdlali osezingeni elikhokhelayo.
“Umbono uthi uLorch uuzozosiza abadlali abasebancane beChiefs, oMduduzi Shabalala, uMfundo Vilakazi noWandile Duba.
“Iqembu njengamanje lithembele kubo futhi uyabona ukuthi umthwalo mkhulu kakhulu kubo,” ucashunwe usho kanje umthombo.
IChiefs kubikwa ukuthi izamile ukuthola noTerrence Mashego kwiSundowns, ongomunye wabadlali abangadlali njalo.
Kodwa leso lokho kubhuntshile njengoba iChiefs ingakwazanga ukuhlangabezana nalokho obekufunwa yiSundowns nglo mdlali.
