
OweMarumo Gallants akayinqeni nhlobo iPirates
Umqeqeshi weMarumo Gallants, u-Abdeslam Ouaddou, uthi iqembu lakhe aliyesabi neze i-Orlando Pirates.
La maqembu azogadulisana emdlalweni owandulela owamanqamu kwiNedbank Cup kule mpelasonto.
IMarumo Gallants yilona kuphela iqembu elingelona elaseGauteng elisasele kulo mqhudelwano.
U-Ouaddou usebe nomthelela omkhulu kusukela ejoyine leli qembu elizinze eBloemfontein ezinyangeni ezimbili ezedlule.
Ngaphansi kwakhe, iMarumo Gallants isisendaweni engcono kwiligi futhi manje seyibheke ukuzibekela indawo kowamanqamu.
“Sesilungile,” kusho u-Ouaddou. “Sidlale kahle emasontweni ambalwa edlule sibhekene nabo.
“Kodwa lona umdlalo omusha. Awekho amaqembu amancane kulesi sigaba somqhudelwano. Wonke amaqembu afanelwe ukuhlonishwa.”
IMarumo Gallants isevele ike yayishaya iPirates kule sizini emdlalweni weligi.
Lowo mphumela uyinikeza ukuzethemba njengoba izobhekana nezikaMagebhula ngeSonto.
U-Ouaddou uyavuma ukuthi ngeke kube lula. “Kuyinselelo enkulu.
“Kithina, lokhu kufana nowamanqamu ngaphambi kowamanqamu. Kodwa siyilambele impumelelo,” kuqhuba yena.
IGallants ugcine ukudlala ngesonto eledlule ibhekene neSuperSport United. IPirates yona idlale umdlalo onzima weCaf Champions League ezinsukwini ezimbili ezedlule.
Ngaphandle kwalokhu, u-Ouaddou ulindele iqembu eliqinile leBucs. “Bakujwayele lokho.
“Badlala imidlalo emithathu ezinsukwini ezingu-10 futhi badlale kahle. Kufanele sibe bukhali.”
Lo mqeqeshi waseMoroccan ukholwa ukuthi sekuyisikhathi sokuletha indebe eBloemfontein.
“IGauteng ivele inezindebe eziningi. Lena kumele siyithathe siyilethe eFree State.”
IMarumo Gallants ithole ukwesekwa okuqinile eBloemfontein, abalandeli bayayithakasela kakhulu.
U-Ouaddou uthemba ukuthi la mandla azobasiza, ngisho nasekuhambeni e-Orlando Stadium.
“Sidlalela abalandeli bethu. Sifuna ukubenza baziqhenye,” kwengeza yena.
Umdlalo owandulela owamanqamu ungeSonto ngo-3 ntambama.
