EzintshaOrlando Pirates

IPirates ilinyalelwe ababili – noRele Mofokeng uyangabazeka

URele Mofokeng uthole ukulimala ngesikhathi i-Orlando Pirates inqoba ngo 1-0 ihlula iSiwelele FC kwiCarling Knockout ekuqaleni kwale nyanga. 

Wakhishwa ngomzuzu ka-62 kulo mdlalo wabuye wahoxiswa naseqenjini leBafana Bafana ebelizodlala neZimbabwe neRwanda.

Lo mdlali oneminyaka engu-20 ubudala ungomunye wezinsika zePirates kule sizini, kanti ukungabi khona kwakhe kuzoba nomthelela omkhulu.

Lezi ziqhwaga zaseSoweto zizophinde zidlale ngaphandle kwabadlali basemuva uTapelo Xoki noDeano van Rooyen. 

UXoki usekude ukubuya njengoba alimala kabana engozini yemoto ngo-Agasti, kanti uVan Rooyen yena usephuthelwe yimidlalo eyisishiyagalombili ngenxa yokulimala. 

“Iqembu lisangase lidlale ngaphandle komdlali wasesiswini ohlaselayo uRelebohile Mofokeng, noDeano van Rooyen noTapelo Xoki,” ikilabhu iqinisekise kanje esitatimendeni.

IPirates ihlezi endaweni yesithathu kwilogi yeBetway Premiership ngamaphuzu angu-15 emidlalweni eyisikhombisa.

Isele ngayisithupha kwiMamelodi Sundowns eqhwakele njengamanje, kodwa isenemidlalo emithathu eyigodle ekhwapheni.

Uma engadlalanga uMofokeng ngoLwesithathu, ithemba lizoba sekutheni uzobe esebuyile emdlalweni weCaf Champions League ngoMgqibelo. 

IPirates ilandela ngemuva ngo 3-0 kwiSt Eloi Lupopo yaseDR Congo kulo mdlalo kanto owomlenze wesibili ungoMgqibelo e-Orlando Stadium.