Kuvela okufunwa yiStellies kwiPirates ngomdlali wayo
– Intatheli yeLisenethini
I-Orlando Pirates kubiwa ukuthi izibhekile wasemuva weStellenbosch FC, kodwa leli qembu laseKapa nalo kukhona elimfunayo kweZimnyama.
Manje lokhu sekwenza kubonakale kuzogcina kushintshwene ngadlali phakathi kwe-Orlando Pirates neStellies.
EzikaJose Riveiro zifuna ukuqinisa ngomdlali wasemuva kwesokudla uDeano Van Rooyen ongukaputeni weStellies.
Lo mdlali ube ngomunye wababe nesizini enhle futhi akukhona okokuqala njengoba nangedlule esebenze kahle.
Ngokubika kweKickOff, lamaqembu asezingxoxweni esezisezingeni eliphezulu ngokushintshiselana ngabadlali.
Kubikwa ukuthi iStellies yona ifuna uThabaso Monyane kwiPirates ukuze idedele lo mdlalo emfunayo.
“IPirates imfuna ngampela umdlali ozoxazulula izinkinga zayo zasemuva kwesokudla,” kucashunwe umthombo usho kanje.
“Ikilabhu seyiyile kwiStellenbosch iyocela ukudayiselwa uDeano (Van Rooyen).
“IStellies nayo sekukade ifisa uMonyane… Kusukela ngesizini edlule empeleni, manje kungenzeka kube nokushintshisana.”
IBucs isike yamataniswa nanoKeegan Johannes weSuperSport United njengoba ifuna ukuqinisa kulolu hlangothi.
Phela ike yabhekana nenkinga ngesikhathi ilinyalelwe uMonyane noBandile Shandu kanyekanye ngesizini edlule.
Lapho kwadingeka ivale ngoFortune Makaringe kule ndawo, kwaze kwabe ithola uThabiso Lebitso kwiChippa United.
Kodwa manje njengoba ibuyela nakwiCaf Champions League, futhi ifuna ukufakela iMamelodi Sundowns inselelo kwiDStv Premiership, kumele iqinise kakhulu.
UVan Rooyen ngomunye wabadlali ababonakala bengafike bangene khaxa esitayeleni seBucs njengoba enesibindi sokunyuka ahlasele uma ithuuba livela.
Nokho abalandeli bebebheke ukuthi i-Orlando Pirates iqinise kakhulu emuva kwesokunxele la ibonakala ishoda khona.
OLUNYE UDABA: UZungu uchaza okwenza Usuthu lugweme ukushoda kwemali
Njengamanje ino-Innocent Maela noPaseka Mako kuphela futhi uma bengekho kubuyiswa uDeon Hotto azodlala khona.