
IDurban City isivala ngomakadebona womqeqeshi esikaDladla
Njengoba seyihlukene nomqeqeshi oyibuyisele kwiBetway Premiership, iDurban City isizosivala ngomqeqeshi onamava cishe kunabo bonke kuleli isikhala.
Izindaba zokuhlukana kwenhloko nesixhanti phakathi kwe-Durban City noSimo Dladla ziphume ngoLwesithathu emini.
Bekungakapheli sikhathi esingakanani usihlalo wale kilabhu ethe basaxoxisana noDladla ngekusasa lakhe.
Kodwa manje sekuvelile ukuthi bagcine bengavumelananga, kwaphepha ngokuthi kuhlukanwe ngezindlela.
Manje iLisenethini isithole ukuthi isikhala sakhe sizovalwa ngoGavin Hunt onemidlalo engu-1 000 njengomqeqeshi esigabeni esiphezulu sebhola elikhokhelayo kuleli.
UHunt useqeqeshe emaqenjini amaningi ehlukene okubalwa kuwo izinkunzi zaseSowetoi iKaizer Chiefs, iBlack Leopards neMoroka Swallows.
Kodwa kukwiSuperSport United la azakhele khona igama futhi waba nempumelelo ebonakalayo njengoba enenqwaba yezicoco aziwine nayo.
Ubeqeqesha kuyo ngasekuqaleni kwale sizini, kodwa waxoshwa maphakathi nayo kulandela ukuphikwa yimiphumela.
Imithombo yeLisenethini iveza ukuthi lo mqeqeshi onamava uzovubuka kwi-Durban City esanda kubuyela kwiPremiership.
“Ngiyacabanga ukuthi sekuvele kuqediwe ngokuningi, sekusele amathizethize nje,” kusho umthombo.
Uthe ucabanga ukuthi izingxoxo bezivele zikade zaqalwa ngoba kumanje kuthiwa uHunt usendleleni ebheke eThekwini noma usevele ufikile ukuqala amalungiselelo esizini entsha.
Ungubani loHunt osevumbuka kwi-Durban City?
UGavin Hunt ungumqeqeshi webhola laseNingizimu Afrika osemnkantshubomvu futhi owayengumdlali phambilini.
FUNDA NALA | IMarumo Gallants ‘ize nenye’ iqasha umqeqeshi ona-28
Uzakhele igama ngokuba ngumqeqeshi ozana nabadlali bakhe nempumelelo emiqhudelwaneni yasekhaya.
Wazalwa ngoJulayi 11, 1964, kanti waba ngumdlali onempulelo ezigabeni ezikhokhelayo ngaphambi kokudlulela ekuqeqesheni.
UHunt uphumelele kakhulu wiSuperSport United, ayiholele ekunqobeni izicoco zeligi ezintathu kulandelana kusukela ngo-2008 kuya ku-2010.
Isicoco sakhe sakamuva ngeseligi asinqobe neBidvest Wits ngesizini ka2016/17.
