EzintshaKaizer Chiefs

Kubongwe u-Allah ngokukora kukaChivaviro

Ukushweba amathuba abukeka elula komgadli weKaizer Chiefs, uRanga Chivaviro emdlalweni wangoMgqibelo kumenze wagcina esehluthukelwa yinhliziyo. 

Kunethuba elimhlule esiwombeni sokuqala, bathi uma bekhuluma naye ozakwabo wabonakala ebabhokela ngolaka. 

Ngemuva kwalokho bekucacile ukuthi lo mgadli uthukuthele futhi nabalandeli bese bemhleli emqaleni, bemjijimeza abanye bethi akakhishwe. 

Kuthe uma kukhala impempe yokuqeda isiwombe sokuqala, umqeqeshi, uNasreddine Nabi wagijima waya kuye eyomhlangabeza.

Basithele ezindlini zokushintshela emgaxe izandla emahlombe ekhuluma naye, kucaca ukuthi uzama ukumehlisa umoya. 

UChivaviro ugcine eligezile igama lakhe, eshaya igoli lesithathu qede wenza uphawu lokutshela abalandeli ukuthi abaqhubeke babawuze. 

Ebuzwa ngalesi senzo sakhe sokuyomhlangabeza enkundleni ekupheleni kwesiwombe sokuqala, uNabi uthe ubekhombisa ukumeseka.

“Uyazi kwesinye isikhathi akulula kumgadli, kodwa-ke ibhola linjalo nje,” kusho uNabi ngemuva komdlalo.

“Mina akudingeki ngihluthukelwe yinhliziyo njengabalandeli. Kuwumsebenzi wami ukweseka abadlali uma kungabahambeli kahle.

“Ngimfake umoya, ngimthembise ukuthi akakhululeke, uzolishaya igoli futhi ngibonga u-Allah ngokuthi ulishayile.” 

IChiefs igcine inqoba lo mdlalo weCarling Knockout obuse Peter Mokaba Stadium, ePolokwane ngo 4-0. 

Seyingene emaqenjini adlulela phambili kulo mqhudelwano kanti indlela ehubuluze ngayo iSuperSportUnited ibuyise ithemba kubalandeli bayo.