
U-Omar Artan ochithwe e-US usethole umdlalo omkhulu
Unompempe waseSomalia, u-Omar Artan, usethole ithuba elikhulu lokushaya indweba kweminye yemidlalo emikhulu e-Europe.
Sekuvele ukuthi lo nompepe nguye ozolawula umdlalo omkhulu we-Uefa Cup ophakathi kwePSG ne-Aston Villa eSalzburg ngo-Agasti 12.
Lokhu kukhomba ukuthi u-Omar Artan usaqhubeka nokwethembwa yizinhlaka zebhola emhlabeni.
Lokhu kuza ezinsukwini ezimbalwa ebe sematheni ngesikhathi enqatshelwa ukungena e-United States ngaphambi kokuqala kweNdebe yoMhlaba.
Lesi sisuse umsindo omkhulu emhlabeni njengoba sibe yingxenye yezinkinga zama-visa nezokungena ezaphazamisa amalungiselelo omqhudelwano.
Nokho, naphezu kwaleyo nselelo, u-Omar Artan usebuyile ngamandla njengoba ephathiswe omunye wemidlalo emikhulu e-Europe.
Ukuqokwa kwakhe ukuthi aphathe lo mdlalo phakathi kwezinkunzi zaseFrance, iParis Saint-Germain, neqembu lase-England, i-Aston Villa, kuwuphawu oluqinile lokuthi usahlonishwa kakhulu emkhakheni wakhe.
FUNDA NALA | IDowns ichitha esinye sezethenjwa zayo
Lo nompempe usezakhele igama njengomunye wabasemazingeni aphezulu e-Afrika ngenxa yokuzola kwakhe, ukungachemi nokuthatha izinqumo ezinhle emidlalweni emikhulu.
