
ElaseBelgium licathamela isethenjwa sePirates
- Intatheli yeLISENETHINI
Kuvela ukuthi kuneqembu laseBelgium eselikhiphe izinhloli zalo ukuthi zilandele omunye wezethenjwa zikaJose Riveiro kwi-Orlando Pirates.
Kuthiwa leli qembu, iStandard De Liege liconsa amathe ngoMonnapule Saleng ogila izimanga kwiBucs.
USaleng ngomunye wabadlali abangasali eqenjini likaRiveiro futhi asebedlale yonke imidlalo kule sizini kanti wenza kahle kakhulu.
Kuthiwa leli qembu laseBelgium selinesikhathi vele limlandela buthule lo mdlali futhi ngabe lifike ngoJuni ukuzomthenga.
Kodwa libanjwe wukuthi kuphele isizini edlule engasadlali njalo kwiPirates, kodwa njengoba esebuyele eqenjini eliqala imidlalo, intshisekelo yalo seyiqale phansi.
Ngokomthombo weSNL24 leli qembu lihlela ukufika ngoJanuwari kwiPirates uma kuwukuthi izinhloli zalo ziyeneliseka ngaye.
Nokho kuzomele lifike nezizumbulu kwazise uSaleng usenenkontileka ezoze iphele ngo-2026 nePirates.
Ngaphezu kwalokho, ungomunye wabadlali ababalulekile kuyo, nokwakhelwe phezu kwabo iqembu likaRiveiro.
Lo mdlali oneminyaka engu-26 useshaye amagoli amahlanu kule sizini emidlaweni eyishumi emiqhudelwaneni ehlukene.
