AmaqembuEzintsha

ElePSL selicetshwe kwiFifa ngokungakhokheli umdlali

Uyaqhubeka umkhuba oyihlazo wamaqembu ePremier Soccer League wokungakhokhela abadlali bawo ngendlela efanele aze agcine ecetshwe kwiFifa. 

IRichards Bay FC isiphinde yazithola ikuleli hlazo njengoba iFifa isiyiyalele ukuthi ikhokhele obengumdlali wayo u-Abdi Banda imali emkweleta yona. 

Ukwehluleka ukuhambisana nesinqumo seFifa kungase kuholele ekutheni igwetshwe ngokuthi ingavunyelwa ukusayina abadlali abasha.

Lokhu kungalikhubaza kakhulu leli qembu elithembisayo leBetway Premiership elizinze KwaZulu-Natal.  

UBanda, osedlala kwiBaroka FC kwiMotsepe Foundation Championship, ukweletwa isamba semali angakhokhelwanga yena ngesikhathi sakhe kwiRichards Bay. 

Yize ejoyine ikilabhu kunethemba elikhulu ngaye, lo mdlali wasemuva waseTanzania akakwazanga ukungena esikimini ngokugcwele.

Udlale imidlalo eyisishiyagalombili kuphela kuyo yonke imiqhudelwano ngesizini edlule.  

Ukuhamba kwakhe kube nokuhilizisana. Ukungakhokhelwa kwamaholo kungenye yezinto okubikwa ukuthi ziholele ekuhambeni kwakhe. 

UBanda ube esefaka udaba lwakhe esigungwini seFifa esixazulula izingxabano, iDispute Resolution Chamber, ethi kwephule inkontileka yakhe. 

Ngokombiko weFARPost, iFifa ivune yena ngoNovemba 21, yayalela iRichards Bay ukuthi isikhokhe ngokushesha lesi sikweletu.  

Uma ikilabhu yehluleka ukukhokha, ingase izithole seyisotakwini olubi, oluhlanganisa nokuvinjelwa ukuthenga abadlali. 

Lokhu kuzoyivimbela ukuthi isayine noma yibaphi abadlali abasha, okungase kuphazamise izinhlelo zayo zewindi elizayo lokudayiselana ngabadlali.

IRichards Bay ayiqali ke ukuzithola ikulesi simo. Leli qembu phambilini belibhekene nesigwebo esifanayo kulandela ukuhluleka ukukhokhela umdlali walo wangaphambili u-Ovella Ochieng. 

Lo nozinti waseKenya wabe esefuna ukungenelela kweFifa ngemuva kokuthi iRichards bay yehlulekile ukumkhokha lokho emkweleta khona.

Kodwa udaba lwagcina luxazululiwe njengoba iRich Boys yamkhokhla imali ebalelwa ku-R230 000 eyayimkweleta wona, sahoxiswa isigwebo.  

Ukuphinda lesi simo kungase kulimaze isithunzi sayo futhi kuphakamise imibuzo mayelana nokuphathwa kwezimali kule kilabhu.  

Lena futhi akuyona impi yokuqala enjena kaBanda neqembu lePSL. 

Esikhathini esingaphezu konyaka esidlule, waphoqa ngempumelelo iChippa United ukuthi ikhokhele konke eyayimkweleta khona ngokungenelela kweFifa.