
BUKA: Ushaye inguzunga yegoli obefunwa yiChiefs
- Sibongiseni GUMBI
Umdlali ongomunye walabo abebephezulu ohlwini lwabafunwa yiKaizer Chiefs, uFawaaz Basadien ukhombisile ukuthi kungani bebemfuna kangaka eNaturena.
Lo mdlali wasemuva kwesokunxele ushaye elinye lamagoli okungangabazeki ukuthi azoba khona kokuyokhethwa kulo elonyaka ekupheleni kwesizini.
Leli goli ulishaye emdlalweni weBetway Premiership la iqembu lakhe, iStellenbosch FC lishaye khona iCape Town City ngo 3-0.
Elakhe kube ngelesibili kanti libe lihle kakhulu njengoba likhombise ubuchule bakhe bokukhahlelela ipali.
Liqale kade kuyikhona yeCity. IStellies ikwazile ukuyivimba, ibhola labe seliwela kuye uBasadien.
Uthole ibhola engaphandle nje kancane kwebhokisi langakubo, wathi uma ephakamisa amehlo wabona ithuba.
Ubone ukuthi unozinti weCity, uDarren Keet, uphumile epalini lakhe, wabe esededela ugesi weshodi.
Yize elijahile waze walifica uKeet, kodwa uthe uyaliphebeza kwasho khona ukuthi akekho endaweni efanele, waliphebezela enethini.
Kumanje leli goli lingelinye lokukhulunywa ngawo kakhulu njengoba kwetshiswa okwenzeke emidlalweni yePremiership ngoLwesithathu.
Nali leli goli la ngezansi, zibukele nawe lesi simangaliso:
