DStv PremiershipEzintsha

I-Arrows ilanyulelwe ugesi kwiMagesi kodwa… 

Ukucima kwezibani eMpumalanga Stadium kuphoqe ukuhleliswa komdlalo weBetway Premiership obuphakathi kweGolden Arrows neMagesi FC.

Lo mdlalo umiswe sekusele ngaphansana kwemizuzu emine nesikhathi ebisizokwengezwa unompempe umdlalo uphele.

Ngaleso sikhathi i-Arrows beyilandela ngemuva ngo 1-0 wegoli likaWonderboy Makhubu alishaye ngomzuzu ka-79. 

Nokho kuthe ngomzuzu ka-86, sekucaca ukuthi iMagesi imuka nawo amaphuzu amathathu, wavele wacima ugesi. 

Yize kuke kalindwa isikhashana ngethemba lokuthi uzobuya, kukhanye uqhubeke nomdlalo, ugcine uhoxisiwe. 

Kodwa iPSL seyimemezele ukuthi lo mdlalo, ngokwemigomo nemibandela yayo, uzodlalwa ngoLwesine emini.

Usuhlelelw eukuthi udlalwe ngo-12 emini kuyo le nkundla kanti kuzoqedelwa isikhathi ebesisele. 

Lokhu kusho ukuthi Abafana Bes’thende banesikhathi esingaphansi kwemizuzu emine nezokwengezwa unompempe ukubuya kulo mdlalo.

IMagesi yona izolwela ukuthi ingabe isawadedela lamaphuzu okuzoba awokuqala esigabeni esiphezulu uma igcina ngokuwathola.