
UJordaan ucike abalandeli ephendula ‘ngechilo’ lekaMokoena
Umengameli weSafa uDanny Jordaan uphawule ngesiga sikaTeboho Mokoena, washiya abalandeli becasuke begane unwabu.
Abalandeli bebebheke izimpendulo, nokuthi kube nomuntu ojeziswayo ngephutha elicishe lalahlekisela iBafana Bafana indawo yayo kwiNdebe yoMhlaba yangonyaka ozayo.
IBafana idlalise uTeboho Mokoena ngephutha ngesikhathi kufanele ngabe umisiwe ibhekene neLesotho ngoMashi.
Ngenxa yalokhu, iFifa yabe seyidonsa amaphuzu amathathu kwiBafana, okuyishiye engcupheni embi futhi ilwela ndawo yayo kanzima.
Ngenhlanhhla, ikwazile iBafana ukugcina ingenile kwiNdebe yoMhlaba ngokushaya iRwanda ngoLwesibili – nokulekelelwa yiNigeria eshaye iBenin.
Wonke amehlo abekuDanny Jordaan, umengameli onamandla weSafa. Indoda enezwi lokugcina ngalesi siga.
WINA | Imali yokuqala ibhizinisi lezemfashini neNikNaks
Kodwa ngesikhathi uJordaan ekhuluma ngalolu daba, uthethelele lowo obenze leli phutha eliyichilo – okukholakala ukuthi yimenenja yeBafana uVincent Tseka.
“Abezindaba bafuna silibale kosekudlule,” usho kanje. “Manje sibheke eNdebeni yoMhlaba.
“Ngakho leyo ndaba isivaliwe. Asisenandaba nalolo daba. Sesingenile kwiNdebe yoMhlaba.”
Njengaleyo ndlela — ihlazo selishanelelwe ngaphansi kukakhaphethi, ngokusho kukaJordaan.
“Ngeke silokhu sigxile kulokho osekusemuva kwethu,” kwengeza yena. “Sesibheke okuphambi kwethu okuyiNdebe yoMhlaba Africa Cup of Natiions ezoba seMorocco.
“Umqeqeshi kumele ngabe usenitshelile,” kuqhubeka uJordaan, “sesigxile kwi-Afcon bese kuba yiNdebe yoMhlaba ngemuva kwalokho.”
Ngakho ke, kanjalo nje, leli chilo lendaba kaTeboho Mokoena selidlulile. Alixazululwanga. Akuchazwanga. Livele lashabalala nje.
FUNDA NALA | Kunempi elwa buthule kwiDowns
Amakhadi aphuzi, amaphuzu alahlekile, ukucasuka — konke kusulwe yinjabulo yokungena kweBafana kwiNdebe yoMhlaba.
Umlayezo kaDanny Jordaan ucacile: Injabulo iphulukisa yonke into. Labo abasakhuluma ngamakhadi aphuzi? Sebevele baphila esikhathini esesidlule.
