Betway PremEzintsha

‘Bazobhabhadiswa’ ngomlilo abasha kwiBetway Premiership

I-Betway Premiership iyabuya ngoLwesibili, kanti kunamaqembu ambalwa azobe ebhekwe ngabomvu njengoba ezobe eholwa abaqeqeshi abasha.

Ngaphezu kwalokho, kusenemibuzo ngebhensthi leTS Galaxy njengoba kungacaci ukuthi ingabe uBernard Parker nguye ozohola iqembu?

IGalaxy izobhekana ne-Orlando Pirates esazikhotha amanxeba e-Orlando Amstela Arena, kodwa ikusasa likaParker lisalokhu lingacaci.

Ikusasa lakhe belilokhu lisematheni kusukela kuqale ikhefu lamazwe omhlaba, ngemuva kokuthi iGalaxy inqobe umdlalo owodwa kuphela kweyisikhombisa yokuqala yeligi.

Umnikazi weGalaxy uTim Sukazi wake waveza ukuthi uParker angabuyela esikhundleni sokuba yiphini lomqeqeshi, bese kuqashwa umqeqeshi omusha. 

Kodwa kuze kube manje ikilabhu ayikakhiphi isitatimende esisemthethweni esicacisa ngalolu daba.

UParker neGalaxy bazobhekana nePirates elimele kulo mdlalo we-Betway Premiership ozoba ngoLwesibili ebusuku.

Kuzoba nosuku lokuqala emsebenzini kuDimitar Pantev kwiRichards Bay, lapho ezobhekana khona neSundowns ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

Lo mqeqeshi waseBulgaria ufike evela eBotswana, wathatha indawo kaRonnie Gabriel, osuswe esikhundleni ngemuva kokuthi iRichards Bay ingawinanga nowodwa wemidlalo yayo yokuqala eyisikhombisa yeligi.

Khonamanjalo, u-Eric Tinkler ubuyela emsebenzini wasekhaya njengoba ezohola iDurban City emdlalweni wayo nomkhaya AmaZulu FC eChatsworth Stadium.

Njengoba kunabaqeqeshi abasha, ikusasa elingaqinisekile nengcindezi emaqenjini amaningi, imidlalo yangoLwesibili ithembisa ukuba nezindaba ezishisayo kwi-Betway Premiership.