Ezintsha

Ayanda amaqembu aconsa amathe ngoRulani Mokwena

NgoLwesibili olwedlule, u-Rulani Mokwena uqede ngokusemthethweni ubudlelwane bakhe neWydad Athletic Club.

Yena neWydad bakhiphe izitatimende ngokwehlukana, bebongana ngokusebenzisana okuhle kule sizini. 

U-Rulani Mokwena usebenze isizini eyodwa njengomqeqeshi weWydad futhi idlale imidlalo yayo emithathu yokugicina engasekho yena.

Ubesenikwe ikhefu elikhethekile kulandela imiphumela engagculisi. 

Yize kungamhambelanga kahle kwiWydad, igama nesithunzi sikaMokwena sisesihle ebholeni lase-Afrika.

Futhi kubukeka engeke ahlale isikhathi eside engalitholile elinye iqembu njengoba kumanje esemabili okuthiwa azidlisa satshanyana kuye. 

Kuvele ukuthi iYoung Africans yaseTanzania isha amashushu ngalo mqeqeshi waseNingizimu Afrika osemncane.

Okwenza imfune kakhulu yimpumelelo efike yakhonjiswa uFadlu Davids kwiSimba SC khona eTanzania. 

Kukhona nemibiko eveza ukuthi ikilabhu yakhe yakudala i-Orlando Pirates nayo ingase ifune ukuvala ngaye isikhala sikaJose Riveiro.

Nokho ezakamuva zimkhomba khona eNyakatho Afrika – kulokhu e-Egypt. 

Ngokwewebhusayithi yesi-Arabhu iRadio Mars, iZamalek SC inikeze uMokwena ithuba lokuzoqeqesha leli qembu.

Leli qembu lase-Egypt lisanda kuhlukana noJose Peseiro kanti manje selithungatha umqeqeshi omusha. 

Imibiko yase-Egypt ibike yaveza ukuthi leli qembu liyayelelwe uPitso Mosimane.

Kodwa ngenxa yokuthi uke waqeqesha izimbangi zayo ezinkulu, i-Al Ahly, kuvela ukuthi abaphathi abekho nkamunkamu ngaye. 

Yingakho ke manje sebejikele kuRulani Mokwena oke wasebenza noMosimane isikhathi eside kwiMamelodi Sundowns. 

Ukuthi uMokwena uzophelela kuliphi iqembu ngenye yezinto ezizothatha amehlo njengoba kuzobe kuvalwe isizini nje.