
Cardoso: ‘Ukwethembana’ okuweze iSundowns kwi-Al Ahly
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, ukholwa ukuthi ukwethemban eqenjini lakhe kube wukhiye ekuwashisei kwabo i-Al Ahly ijezi kwiCaf Champions League.
Lezi ziqhwaga ezimbili bezibhekene eCairo, lapho iSundowns ishaye khona igoli ngomzuzu wokugcina.
Ngaleso sikhathi i-Al Ahly ibihamba phambili, umdlalo waphe zibambene ngo 1-1.
Lo mphumela uthumele iSundowns kowamanqamu ngenxa yomthetho wamagoli asekuhambeni.
UYasser Ibrahim ushaye igoli elibe ngumkhonto ogwaza ekhaya kulandela ingcindezi yeSundowns.
I-Ahly ibizihola phambili ngo 1-0 ngegoli elihle likaTaher Mohamed alishaye esiwombeni sokuqala.
Kodwa iMamelodi Sundowns isebenze kanzima ngesiwombe sesibili. Imizamo yayo yaba nemiphumela emihle ekugcineni.
“Ukwethemba. Ukuthembana, ukuthembela ohlelweni lomdlalo,” kusho uMiguel Cardoso.
“Ngisho sesilandela muva ngo 1-0, besikholelwa ukuthi sizolishaya igoli.”
Uncome ikilabhu, abalandeli nemindeni yabadlali ngokubeseka kulo mkhankaso wabo onzima.
“Siyayithemba inqubo futhi asizange siyeke ukukholwa ukuthi kuzolunga,” kwengeza lo mqeqeshi odabuka ePortugal.
I-Ahly izilimaze ngokuyohlala emuva izame ukuvikela igoli layo ngesiwombe sesibili.
Lokhu kuvulele iSundonws ukuthi ihlasele. UMiguel Cardoso uthi akumthsanga okwenziwe i-Al Ahly.
“Bekufanele baqaphe emuva. Lena yimidlalo ebucayi. Igoli elilodwa nje lingashintsha yonke into,” kuqhuba yena.
ISundowns beyazi ukuthi idinga igoli elilodwa ukuze idlulele phambili. Ngakho ivale thaqa emuva, yabe seyihubha leli goli lokulinganisa.
UCardoso uvumile ukuthi abazange badlale ngendlela encomekayo esiwombeni sesibili kodwa bese belwela umphumela.
“Senze izinguquko. Bese sifuna ukulwa kunayo yonke enye inti. Kusisizile lokho,” kuchaza uCardoso.
Izihlwele zaseCairo zisale zinxapha zodwa, zakhiphela ulaka lwazo kumqeqeshi uMarcel Koller obesejikijelwa ekupheleni komdlalo.
Manje iSundowns isingene kowamanqamu wayo wokuqala weCaf Champions League kusukela ngo-2016.
Izobhekana nePyramids yase-Egypt ewashise i-Orlando Pirates ijezi kabuhlungu kowamanqamu.
Ukukholelwa kukaMiguel Cardoso kubadlali bakhe nohlelo kubonakale kubalulekile.
“Kuqoshwe umlando namuhla,” kusho uCardoso ngokuziqhenya.
