
AmaZulu aqhathulule abangu-16 abangasadingeki
AmaZulu FC asekhulule abadlali abangu-16 njengoba leli qembu leBetway Premiership elizinze eThekwini lizihlela kabusha.
Esitatimendeni esikhishelwe abezindaba ebusuku ngoLwesihlanu, AmaZulu athe laba badlali abadedelwayo baphelelwa yizinkontileka ngoJuni 30.
Iqembu libe selinquma ukuthi ngeke zivuselelwe. Kubo kukhona omakadebona uRamahlwe Mphahlele noVeli Mothwa.
“AmaZulu angaqinisekisa ukuhamba kwabadlali abambalwa izinkontileka zabo ezingeke zivuselelwe,” sisho kanje lesi sitatimende.
AmaZulu adedele laba badlali abalandelayo:
- Andile Mbanjwa
- Veli Mothwa
- Abbubaker Mobara
- Sandile Khumalo
- Mbongeni Gumede
- Kwanda Mngonyama
- Ramahlwe Mphahlele
- Thembela Sikhakhane
- Wayde Jooste
- Skhulile Manyoni
- Rowan Human
- Ethan Brooks
- Augustine Mulenga
- Msindisi Kunene
- Dion Omncane
- Boniface Haba
Umqondisi webhola kuMaZulu, uPedro Dias, uzwakalise ukubonga kubadlali abahambayo.
“Ngithanda ukubonga bonke laba badlali ngamagalelo abo ekilabhini yethu nasemphakathini wonke webhola.
“Sibonga izikhathi ezinhle esibe nazo ndawonye,” ucashunwe esho kanje uDias.
“Egameni lawo wonke umuntu kuMaZulu FC, sibafisela okuhle kodwa emizamweni yabo yesikhathi esizayo.”
Le kilabhu idalule idalule nokubuyela kuka-Etiosa Ighodaro noSifiso Ngobeni ekilabhini yabo iMamelodi Sundowns njengoba kuphele isikhathi abebebolekiswe sona.
“Sidlulisa ukubonga kwethu ku-Etiosa noSifiso ngemizamo yabo ngesikhathi benathi futhi sibafisela impumelelo emisebenzini yabo ukuya phambili,” kwengeza uDias.
