
I-PSL isishise izembe kwiRoyal AM
Kubhekwe ukuthi iPremier Soccer League iqinisekise ukuphuma kweRoyal AM kwiNedbank Cup namuhla.
IMilford FC izodlulela ku-last 16 la izobhekana khona neSekhukhune United.
Ngokubika kweSABC Sport, isinqumo ngalolu daba sibambezelekile ngenxa yengxabano yezomthetho yeRoyal AM neSars.
Le kilabhu isilele emuva ngemidlalo eyisikhombisa kwiBetway Premiership njengoba ibingadlali kusukela ngoJanuwari.
IRoyal AM bekumele idlale neMilford FC ngenyanga edlule emzuliswaneni wokuqala kwiNedbank Cup.
Kodwa-ke, njengoba ikilabhu ingaphansi komlawuli weSars futhi ibhekene nokuthi idayiswe, ayikwazanga ukudlala lo mdlalo.
Manje, iPSL isithathe isinqumo sokuyikhipha kulo mqhudelwano.
Lokhu kusho ukuthi iMilford izodlala noSekhukhune kanti lo mdlalo uhlelelwe ukuba ngeSonto ePrincess Magogo Stadium.
Ozonqoba kulo mdlalo uzobe eseyobhekana neMamelodi Sundowns emzuliswaneni olandelayo.
Usuku lwenkantolo phakathi kweSars neRoyal AM manje seluhlelelwe March 3.
I-Sars ifuna ukubuyisa isikweletu sentela sika-R40 million ewukweletwa umndeni wakwaMkhize ophethe leli qembu.
Inkantolo isiyigunyazile iSars ukuthi ilifake endalini leli qembu ukuze ibuyise le mali yayo.
Kuvele ukuthi lingase lidayiswe ngo-R15 million.
Lena yimali encane kakhulu uma ubheka ukuthi uShauwn Mkhize yena walithenga ngebalelwa ku-R50 million eminyakeni emithathu edlule.
