
Akajahe rekhodi uRiveiro, ufuna ukunqoba qha
- Intatheli yeLISENETHINI
Njengoba i-Orlando Pirates iyinqobe yonke imidlalo emihlanu yokuqala yeBetway Premiership, seziqalile izingxoxo zokuthi leli qembu lizophula amarekhodi kule sizini.
NgoLwesihlanu, iPirates iguqise AmaZulu ngo 2-1 okwenza kube wumdlalo wesihlanu kulandelana, futhi yanyukela esicongweni seligi.
Ishiya iMamelodi Sundowns esendaweni yesibili ngamaphuzu amathathu. Ingawenyusa ibe yisithupha uma inganqoba kwiTS Galaxy ngoLwesibili ebusuku.
Nokho umqeqeshi wePirates, uJose Riveiro, uthi yena neqembu lakhe abazinaki kakhulu izingxoxo zamarekhodi.
Uthi into abagxile kuyo manje wumdlalo wangoLwesibili. Lo mdlalo oseMbombela Stadium uqala ngo-7.30 ebusuku.
“Uma ungumqeqeshi ufuna ukunqoba yonke imidlalo, kodwa lokho usuke ungakwenzi ngoba uhlose amarekhodi athile,” kusho uRiveiro.
“Lezo yizinto ezenzeka uma ungasaqeqeshi noma usuphumile kulo msebenzi. Mhlawumbe, ubungabheka emuva futhi ubone ukuthi unezinto ezibalulekile.
“Kodwa, njengamanje, okuwukuphela kwento ebalulekile ukuthi siphinde sidlale ngoLwesibili sibhekene ne-TS Galaxy.
“Okubalulekile amaphuzu amathathu okufanele uwadlalele futhi kuzoba umunye umdlalo onzima kakhulu.
“Sizobheka izinombolo ekupheleni kwesizini ukuze sibone ukuthi esikwenzayo njengamanje kuhle ngokwanele yini ukufeza esikufunayo.”
Khonamanjalo, uRiveiro uphendule ukuphawula komqeqeshi weSundowns uManqoba Mngqithi mayelana nokujula kweqembu lePirates.
Ekhuluma nabezindaba ngemuva kokunqoba kweqembu lakhe ngo 2-1 kwiRoyal AM mubva nje, uMngqithi uvumile ukuthi iPirates iyingozi enkulu esicoco sayo seligi kule sizini.
Kodwa wengeza ngokuthi uyangabaza ukuthi inakho ukujula okwanele eqenjini layo ukuthi iiqhubeke ngomgqigqo ofanayo emjahweni wesicoco.
“Ngicabanga ukuthi iqembu liyavuthwa. Siyakhombisa futhi abadlali bayakhombisa, kule sizini bayakujabulela ukudlala, okwenza yonke into ibe lula kakhulu,” kusho uRiveiro.
“Kuze kube manje bagxile kuyo yonke imidlalo, futhi awukaze usizwe sikhuluma ngeChampions League, noma sikhuluma ngemidlalo emikhulu esizoyidlala.
“Kuhlale kumayelana nembangi elandelayo. Uma uzwa abadlali bekhuluma egunjini lokushintshela nasekuziqeqesheni – yilokho abakhuluma ngakho.
“Bayazi ukuthi yini edingekayo ukuze sizuze lokho esifuna ukukufeza ekugcineni, okuhlale kuwukunqoba umdlalo olandelayo.
“Futhi kungenza ngizizwe ngizethemba futhi nginethemba elikhulu ngaleli qembu,” kwengeza lo mqeqeshi odabuka eSpain.
