
Abenyunyana yabadlali nesexwayiso kwabathenga iRoyal AM
Noma ubani othenga i-Royal AM kufanele abe namaphakethe ajule ngokwanele ukuze akwazi ukuthwala isikweletu somholo wabadlali bale kilabhu nezinye izikweletu zayo.
Lesi yisexwayiso esikhishwe yinyunyana yabadlali bakuleli, iFootball Union of South Africa (Fusa) ngonobhala-jikelele wayo uTaelo Motloung.
I-Royal AM ingene endalini evaliwe ngoLwesihlanu kanti isicelo esiwinile sizomenyezelwa ngoMsombuluko.
Idlanzana losomabhizinisi abanentshisekelo liphume namabhidi alo, kodwa iFusa ifuna ukuqinisekisa ukuthi noma ngubani othola le kilabhu ukulungele ngokwemali ukuyiphatha.
Bathi akudingekile ukuthi babhekane nezinkinga ezifanayo nezakudala lapho abanikazi abasha bebesebenzisa isenti labo lokugcina ukuthenga ikilabhu base behluleka ukuyiqhuba ngendlela.
“NjengoFusa, siyakubhekisisa lokhu,” kusho uMotloung engxoxweni abe nayo ne-KickOff kuleli sonto.
“Abafake izicelo zokudayiselwa kumele bakhombise ukuthi bazokwazi ukweseka ikilabhu ngokwemali.
“Noma ngubani othenga ikilabhu, kufanele ayithenge nezikweletu zayo…
“Kufanele bakwazi ukukhokha zonke izikweletu futhi bakhokhe nemali yabadlali yokusayina abasakweletwa yona.”
I-Royal AM ingaphansi kokuvinjelwa yiFifa ukusayina abadlali ngemuva kokuhluleka ukukhokhela uSamir Nurkovic umholo wakhe ongaphezu kuka-R12-million.
Uma wengeza izindleko zomthetho nentela yakhona, kukholakala ukuthi ikilabhu manje ikweleta uNurkovic ngaphezu kuka-R15 million.
Ukwengeza lokho abakukweleta uRicardo Nascimento, isamba sibalelwa ngaphezu kuka-R20 million kumanje.
Kukholakala nokuthi kunedlanzana labadlali abasakweletwa imali yesinxephezelo sokusayina kwabo eqenjini.
I-Sars ibeke u-R15 million njengemali okudayiswa ngayo le kilabhu.
Lokhu ngemuva kokuthi bethole umyalelo wenkantolo wokuthi leli qembu balidayise ukuze bathole u-R40 million abawukweletwa ngumengameli weqembu uShauwn Mkhize.
“Abantu akumele beze no-R14 million wabo wokugcina ngoba asifuni izinkinga,” kusho uMotloung.
“Sesike sabona phambilini abantu befika nemali yokugcina bathenge ikilabhu bese behluleka wukumela ezinye izikweletu zayo.
“Lapho lo abasuke bethenge kuye usuke engasayingeni, esemele kude yena.
“Uma uya kulo othenge ililabhu akutshele ukuthi yena akathenganga mdlali, wathenga ikilabhu kuphela.”
