Bafana BafanaEzintsha

UMalesela untinyele uBroos ngakusho ngokuqokwa kukaPitso

U-Dan Malesela usephendule inkulumo kalowo obengumqeqeshi weBafana Bafana, u-Hugo Broos la akhulume kabi khona ngo-Pitso Mosimane. 

UBroos wathi ukuqokwa kukaMosimane kungabuyisela ibhola laseNingizimu Afrika emuva ngeminyaka emihlanu.

UMalesela akavumelani nombono wokuthi ukushintshwa kukaBroos ngoPitso kungaba yingozi ezweni.

UMalesela uthi uBroos akumele akhulume sengathi ushiye iBafana nezindebe eziningi.

Ugcizelele ukuthi impumelelo enkulu yeqembu lesizwe kusalokhu kuyileyo eyazuzwa uClive “The Dog” Barker, owanqoba i-Afcon ka-1996.

“Angikuthandanga lokho okushiwo uBroos, ethi uma iSAFA iqoka uPitso sizobuyela emuva ngeminyaka emihlanu. 

“Labantu bayasidelela. Uzibona engubani?” kusho uMalesela etshela iKickOff.

Uthe ukufinyelela kwiNdebe yoMhlaba akusho ukuthi uBroos uzuze indebe enkulu.

“Wenza sengathi kukhona esikuwinile ngaphansi kobuholi bakhe. Asizange siwine lutho,” kusho yena.

U-Dan Malesela uphinde wachitha izinsolo zikaBroos zokuthi u-Pitso Mosimane angase athonywe izimenenja zabadlali.  

Uthi uPitso wanamuhla usehluke kakhulu kulowo owayeqeqesha iBafana eminyakeni edlule.

“Awukwazi ukwahlulela uPitso ngesikhathi sakhe sokuqala. 

“Ngaleso sikhathi wayengakaqeqeshi ngisho iSundowns. 

“Lo muntu usekhulile futhi wathuthuka, amarekhodi akhe ayazikhulumela,” kusho uMalesela.