EzintshaKaizer Chiefs

Okusha ngoMashiane olahlwe yiChiefs obezama kwiStellies

Sekuvele okusha ngobengumdlali wasemuva kwi-Kaizer Chiefs, u-Happy Mashiane obejima neStellenbosch FC ngenhloso yokuthola inkontileka kuyo.

Ngokomniko weSoccer Laduma leli qembu laseKapa ngeke lisamsayina lo mdlali njengoba bekulindelekile.

Lo mdlali oneminyaka engu-28 ubudala ubeyohlolwa yileli qembu laseWestern Cape, kodwa usebuyile ekhaya eGauteng.

Imenenja yakhe, uJazzman Mahlakgane, ukuqinisekisile lokhu.

“Usebuyile eGauteng futhi manje sisebenzela ukumtholela iqembu elisha,” kusho uMahlakgane.

Uphinde waveza ukuthi u-Happy Mashiane usesimweni esihle ngokomqondo, naphezu kokudedelwa yi-Kaizer Chiefs ekupheleni kwesizini.

UMahlakgane uthe wabuza lo mdlali ukuthi usukulungele yini ukuqala impilo entsha.

Lokhu wayekubuza njengoba abadlali abaningi besuke begqilazekile ngokomqondo uma beshiya iChiefs noma i-Orlando Pirates.

“Ngambuza ukuthi uqinisekile yini ukuthi usukulungele ukuqhubekela phambili. 

“Ngamtshela ukuthi uma engakakulungeli, kuzomele ngimthumele kodokotela abasebenza ngengqondo,” kuqhuba yena.

“Ngamtshela nokuthi uma siya kwiStellenbosch kufanele ayozimisela ngokuphelele. 

“Uma engazimisele, bekungeke kusebenze. Kodwa wangitshela ukuthi ukulungele ukulwa futhi aqale kabusha.”

U-Happy Mashiane ukhulele kwinkulisa yamakhono ye-Kaizer Chiefs ngaphambi kokukhushulelwa eqenjini elikhulu ngo-2019.

Udlale imidlalo engu-69 kuMakhosi, kwathi ngesizini edlule wabolekiswa kwiSiwelele FC.

Manje lo mdlali waseTembisa usematasa efuna ikhaya elisha ukuze aqhubeke nomsebenzi wakhe webhola.