
Usexolisile oweZimbabwe othembise intatheli induku
Kushube isimo e-Orlando Stadium ngesikhathi kuqubuka ingxabano embi phakathi komdlali weqembu lesizwe lase-Zimbabwe, uTinotenda Kadewere nentatheli uYvonne Mangunda.
Isisusa? Yizinsolo zokuthi uMangunda ubika kabi ngokulahlekelwa umgqigqo kukaKadewere muva nje.
Bekuyisigameko esibi, kodwa i-Zimbabwe Football Association (Zifa) isisheshe yangenelela ukulawula isimo.
Ngesinyathelo esisheshayo nesiwujuqu, iZifa ikugxekile ukuziphatha kwalo mdlali esidlangalaleni.
Ithi “ikugxeka kakhulu futhi ayihambisani neze nanoma yiluphi uhlobo lokuhlukunyezwa kwabezindaba.”
Le nhlangano igcizelele indima ebalulekile edlalwa yizintatheli ebholeni, yaphinde yaqinisekisa ukuzibophezela kwayo ekuqinisekiseni ukuthi zisebenza ngaphandle kokwesaba noma ukusatshiswa.
Ngokusho kweaZifa isimo sesilungisiwe. UKadewere usexolisile kuMangunda, futhi sebethelelene amanzi.
Nokho, indaba ayikapheli. IZifa ikuqinisekisile ukuthi lesi sigameko siyabuyekezwa futhi sizosingathwa ngezinqubo ezifanele zokuqondiswa kobugwegwe.
Lesi siqephu sisebenza njengesikhumbuzo esinamandla sokuthi nakuba umdlalo udlalwa enkundleni, ukuziphatha kwabadlali nezikhulu kudlulela ngalé kwayo.
Isitatimende seZifa siwumyalezo ocacile wokuthi izibphezele ukugcina ubungcweti ebholeni lase-Zimbabwe.
ILisenethini ithole ukuthi lo mdlali nale ntatheli yesifazane bake baba ngobhululu abakhulu phambilini njengoba sebethembisana induku nje.
Lesi sigameko senze ngesikhathi iZimbabwe ilungiselela umdlalo wayo wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ozoba khona e-Orlando Stadium.
Kulo mdlalo iWarriors izogadulisana neRwanda ngoLwesibili emdlalweni ozoqala ngo-3 ntambama.
FUNDA NALA | UBroos uzolihlela ngendlela ehlukile elizodlala neNigeria
Womabili lamaqembu awasekho embangweni wokungena eNdebeni yoMhlaba kodwa aselwela ukgcina isithunzi sawo.
Umdlalo udlalelwa e-Orlando Stadium nje kungoba iZimbabwe ayinazo izinkundla ezifanele ukudlala imidlalo yaleli zinga.
