
UBenson Mhlongo usola uBroos ngoNgezana
- Alfred NGUBANE
Inkakha yebhola laseNingizimu Afrika, uBenson Mhlongo, igxeke uSiyabonga Ngezana ngephutha lakhe elibi alenze emdlalweni weBafana Bafana neSouth Sudan.
UNgezana wenze iphutha eliholele ekutheni iSouth Sudan ibekelwe iphenathi , yashaya igoli layo lokuqala emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations.
IBafana ikwazile ukuvuka izithathe, yanqoba ngo 3-2 ngegoli elingene umdlalo usuyophela.
Kodwa uMhlongo ukholelwa ekutheni iphutha likaNgezana lidalwe wukunganaki.
“UNgezana ulokhu enza amaphutha afanayo, ubamba futhi akhube abadlali ebhokisini,” kusho uMhlongo.
Le nkakha eyadlala kwiMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates ibona sengathi umqeqeshi uHugo Broos uvumele ingcindezi yabalandeli eqaleni ngoNgezana.
Yize uNgezana edlala kahle e-Europe, uMhlongo ucabanga ukuthi kusakuningi okumele athuthuke kukho.
“Wenza kahle e-Europe, kodwa mhlawumbe yingoba udlala nomdlali onamava,” kusho uMhlongo.
“Ngisawabona amaphutha afanayo nangesikhathi esadlala kwiChiefs.
“Njalo ulandela ngemuva abagadli, akakwazi ukubona iminyakazo ingakenzeki.
“Umdlali wasemuva kumele asheshe ayibone ingozi,” kuchaza uMhlongo.
UMhlongo ukholwa ukuthi uNgezana udinga umqeqeshi ozosebenza naye ngayedwana ukulungisa lamaphutha akhe.
“Ngicabanga ukuthi usadinga umqeqeshi ongasebenzisana naye ngqo ukulungisa la maphutha.
OLUNYE UDABA: Kwethulwe iligi yabafana abancane eThekwini
“Kodwa usemusha eqenjini (leBafana) futhi uzofunda,” kwengeza uMhlongo, owadlala imidlalo engu-37 washaya igoli elilodwa kwiBafana.
