Ezintsha

Kwethulwe iligi yabafana abancane eThekwini

I-Safa eThekwini, eholwa nguMazwi Mkhize yethule ngokusemthethweni iDurban Summer Under 16 League.

UMazwi Mkhize utshele iLisenethini ukuthi le ligi isenhlizweni kuye.

Uthi lokhu kungoba bekuthi uma kukhethwa abadlali beqembu lesizwe lika-Under 17, Amajimbosi kunconywe iKwaZulu-Natal ngabadlali abadle. 

“Bengikhathezekile ngokushiywa ngaphandle kwabadlali baKwaZulu, kuthathwe abadlali baseGauteng nase-Eastern Cape kuphela,” kusho uMkhize.

“Sibambisene namaqembu afana neKZN Academy, British Football Academy, eThekwini Coastal, neWarriors Football Club.

“Le midlalo imqoka kakhulu kubadlali abancane ngoba bazothola ithuba lokubonwa ngabahlwayi bamakhono abaqhamuka kuzo zonke izifundazwe.”

Njengamanje iSafa eThekwini ihamba phambili ngokunika abadlali abancane ithuba lokudlala ibhola elisezingeni eliphezulu.

“Baningi abadlali abagcina ngokuthola amathuba emaqenjini angaphandle kwesifundazwe. 

“Lokhu kungenxa yokuthi abanakwa ngamaqembu adlala kwiMotsepe Foundation Championship neBetway Premiership,” kusho uMkhize.