EzintshaOrlando Pirates

Ihloniphe omunye wabasunguli iPirates ngombhalo wejezi

Igama likaMpanza lilotsjwe entanyeni yejezi ngemuva, ukuhlonipha amagalelo akhe abalulekile ekusungulweni kweqembu eselinomlando ocebile.

“Kule sizini sibona i-Orlando Pirates ihlonipha omunye wokhokho bayo, owalwela umlando onothile weqembu,” kusho leli qembu. 

“UJames Sofasonke Mpanza, owazalwa ngo-1889, waba nesandla ekusunguleni iPirates ngo-1937.”

UJames Mpanza, uchazwa njengowaqala umzabalazo wokuthola izindlu ezingcono kubantu abamnyama eGoli. 

Wasungula iSofasonke Party yaselokishini lase-Orlando phakathi nawo-1940. 

Uhambo lwakhe lwaphawulwa ukuqina nokuzibophezela okujulile ebulungiswa bezenhlalakahle.

UMpanza wayengumholi owayephila impilo ngendlela yakhe, ejwayele ukubonakala ezulazula e-Orlando egibele ihhashi, ezakhela iqele labalandeli. 

Waboshelwa ukubulala ngo-1914, futhi ngesikhathi esejele iminyaka engu-13, waphendukela enkolweni yobuKristu, waba ngumshumayeli, wabhala incwadi emfushane, “Izimpi Zendlela YobuKristu.”

Ngemva kokukhululwa kwakhe ngo-1927, uMpanza waba uthisha ePitoli kodwa kamuva wabuyela eGoli. 

Ngo-1944, wahola izinkulungwane zabantu base-Afrika ukuba bakhe imijondolo esigangeni, egqamisa usizi lwabasebenzi basedolobheni abangenamakhaya nokudala ingcindezi eyaholela ekwakhiweni kweSoweto yesimanje.

Ubuholi bukaMpanza baqhubeka naphezu kokuphikiswa nguhulumeni, futhi waba ngumuntu obalulekile ekwesekeni ukwakhiwa komkhandlu iSoweto Urban Bantu Council ekuqaleni kwawo-1960. 

UMpanza wadlula emhlabeni ngo-1970, kodwa umlando wakhe usaqhubeka ngeSofasonke Party, esaqhubeka nokuba nomthelela kwezombusazwe endaweni.

Inhlonipho ye-Orlando Pirates ngejezi layo elisha uzoba yisikhumbuzo segalelo likaMpanza elingapheli eqenjini naemphakathini waseNingizimu Afrika.