
UVilakazi uveza ‘imbiza’ avuse ngayo uSinoxolo Kwayiba
Kufanele ukuthi ayikho indlela engcono yokugubha usuku lwakho lokuzalwa edlula ukuzwa umqeqeshi ekubiza ngomdlali ‘ongukhiye’ eqenjini lakhe.
Njengoba uSinoxolo Kwayiba ehlanganisa iminyaka engu-26 ngoMgqibelo (14 Febhuwari 2026), usethole ukunconywa okukhulu.
Lo mdlali ‘usebuyele ekhaya’ wafike waba nomthelela ekuzalweni kabusha kweChippa United okuyinto abangebaningi abebengayiqagela.
UKwayiba ube ubekhungathekile izinyanga eziyisithupha ekwi-Orlando Pirates — lapho edllale imidlalo emine kuphela, nakhona engena esuka ebhentshini.
Kodwa manje uSinoxolo Kwayiba usebuyele e-Eastern Cape la esefike wakhumbuza abalandeli ukuthi kungani kade eseseqenjini lesizwe iBafana Bafana ngo-2025.
UKUBUYELA EKHAYA
Selokhu ejoyine iChippa United ngenkontileka yeminyaka emithathu ngoJanuwari, uKwayiba ubonakala evuselelekile.
- Umdlalo wokuqala: Udlale imizuzu engu-81 benqoba ngo 1-0 behlula i-Orbit College ngoJanuwari 24.
- Ukuzibonakalisa: Ushaye amagoli amabili bebhuquzisa iDurban City ngo 2-0 ngoJanuwari 31.
- Umthelela: Ngaphansi kukaVusumuzi Vilakazi, uKwayiba ubuyele emgqigqweni wakhe njengoba ebuyiselwe kuNombolo 10.
Le ndawo imnika inkululeko abengenayo ngesikhathi edlala kwiPirates.
“Ungumdlali obalulekile… bekumele sibhekane nesimo sakhe sengqondo ngoba ubengadlali kwiPirates,” kusho uVilakazi kwiThe Star.
“Ngakhuluma naye ngathi, ‘Leli yithuba lakho lokubuyela eqenjini lesizwe ukuze uye eNdebeni yoMhlaba.’”
ITHUBA LEBAFANA
Ukubuyela efomini kukaSinoxolo Kwayiba kubikwa ukuthi kumbuyisele emehlweni kaHugo Broos njengoba kubhekwe imidlalo yamazwe ngamazwe ngoMashi.
Njengoba esevele esedlale kane kwiBafana, futhi washaya negoli, lo mdlali wasesiswini usethubeni elihle lokubuyela kuleli qembu.
Uma eqokwa, kuzobe kuyisikhathi esihle kakhulu njengoba iBafana izobe isisesikhathini sokugcina sokulungiselela iNdebe yoMhlaba.
USUKU LOKUZWALWA
UKwayiba ngeke abe nesikhathi sokukhuma ikhekhe ngosuku lwakhe lokuzalwa kodwa uzofisa ukulugubha ngamagoli.
IChippa United izobhekana neRichards Bay emdlalweni obalulekile weBetway Premiership ngalolu suku.
Lo mdlalo useBuffalo City Stadium kanti uzoqala ngo-8.15 ebusuku. Ukunqoba kuzonyusela iChippa emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu.
AMEHLO AWABONELANI
Njengoba iPirates ingambonanga engumdlali oyifanele uKwayiba, iChippa ibone eyigolide futhi usesheshe waphinde waba yinsika yeqembu.
FUNDA NALA | Uyaqwaleka lo mqansa obhekene neChiefs e-Egypt
Futhi uma uSinoxolo Kwayiba egcina leli zinga lokushaya amagoli, usethubeni elihle lokubuyela kwiBafana ngaphambi kweNdebe yoMhlaba.
