
Uveza izinhlelo zakhe ovusa iBloemfontein Celtic
Usegcine ephumele obala usomabhizinisi ophusha umzabalazo wokuvuselelwa kweBloemfontein Celtic, futhi unemibono emihle ngaleli qembu lodumo.
Usomabhizinisi waseBloemfontein, u-Eddie Modise usezivezile izinhlelo anazo zokubuyisa iBloemfontein Celtic ebholeni elikhokhelayo.
ICeltic ibikhankasa kwi-ABC Motsepe League eFree State ngesizini edlule. Kodwa maphakathi nesizini imemezele ukuthi isiyaphuma kule ligi.
Isitatimende salowo obengumnikazi wayo ngaleso sikhathi, uMax Tshabalala siveze ukuthi useyidayisile le kilabhu.
Wathi abanikazi abasha abazimisele ngokudlala esigabeni sebhola elingakhokheli.
Kodwa nakuba bekunamahlebezi okuthi iBloemfontein Celtic izobuyela kwiBetway Premiership, uModise uveze okuhlukile.
Ekhuluma kwiSport On yeRadio 2000 ngoLwesibili ebusuku, uModise uthe ufuna ukuqala kwiMotsepe Foundation Championship.
“Bekunokukhathazeka okukhulu ngeBloemfontein Celtic. Yingakho sinqume ukuthola igunya lokusebenzisa igama layo nakho konke okunye.
IBloemfontein Celtic izoqala phansi
“Sinqume ukungenelela sibuyise udumo lwayo. Sibonga kakhulu kwiPSL, iSafa, nohulumeni waseFree State ngokuseseka kwabo,” kusho uModise.
“Akubanga nzima ukuthola ilungelo legama kuMax Tshabalala. Wayesevele eke weza kimi ukuze ngithathe iqembu.
“Kukhona nesikhathi la ayefuna ukusebenza nami ngaso. Sifana nabangane abadala,” kuchaza uModise.
“Uhlelo lwethu wukuqala kwiNFD bese sikhuphukela kwiPremiership ngokuhamba kwesikhathi.
“Umbono wami wukuthi siqale phansi ngoba ngisho neNFD iyiligi ekhokhelayo.
“Ngifuna ukuqala phansi ukuze ngikwazi ukugxilisa kahle izinhlelo zami ngendlela efanele.
“Lokhu kuzophinde kwakhe kahle umfutho weqembu nabadlali. Sizokhuphuka maduze. Ngeke kube yisikhathi eside.”
Njengoba sekuke kwenzeka eminyakeni embalwa edlule osomabhizinisi bethenga amaqembu ePSL bese ebahlula, kukhona ukukhathazeka.
Kodwa uModise uveze ukuthi akayena umafikizolo kwezamabhizinisi njengoba amabhizinisi akhe esabalele ngisho emazweni angaphandle.
“Ngisebhizinisini lezakhiwo futhi sekuyiminyaka ngakha izakhiwo nezindlu,” kuchaza yena.
“Ngangisebhizinisini nabantu abafana noRupert. Siphinde sibe namabhizinisi ezwenikazi…
“Emazweni afana neZimbabwe, iMalawi, Eswatini nezinye izifunda ezingomakhelwane. Sifuna ukwethula ukuthuthukiswa kwengqalasizinda.”
