Carling Knockout CupEzintsha

ULarsen uqophe umlando neMagesi waphuthuma elavathi 

Iphini lomqeqeshi weMagesi FC, uPapi Zothwane kudingeke libambele umqeqeshi ukukhuluma nabakamabonakude ngemuva komdlalo.

Kuvela ukuthi uClinton Larsen uxinwe yisimo esimfune endlini encane ekupheleni komdlalo aqophe kuwo umlando efaka leli qembu kowamanqamu.

IMagesi idlule ngo 1-0 kwiRichards Bay FC eKing Zwelithini Stadium ngoMgqibelo ntambama ukuze izibekisele indawo kowamanqamu kwiCarling Knockout.

UZothwane income abadlali, ethi ukuzinikela kwabo nokuhlonipha icebo lomqeqeshi okubabeke kulesi simo abakuso.

“Yisikhathi esikhulu lesi ekilabhini neqembu,” kusho uZothwane oyiphini likaClinton Larsen ngemuva komdlalo. 

“Into esingayibalula kakhulu ngaleli qembu wukuzinikela kwabadlali. Basebenza ngokuzimisela.

“Thina sibanike icebo lokudlala, balisebenzisa ngendlela efanele. Ngiyabajabulela ngoba basha kule ligi.

“Bayaqala ukudlala le ndebe, kanti ukufika kowamanqamu kuvusa umunyu ngoba uyabona ukuthi kusho ukuthini kubo. 

“Ngibongela nomqeqeshi ngecebo aqhamuke nalo ngoba lisebenze ngendlela abelihlaziye ngayo,” kuqhuba uZothwane. 

Umdlalo uqale kuyiRichards Bay ecindezelayo, kodwa izinto zajika kulandela ukuthi iMagesi ilithole kuqala igoli. 

Kube yiphutha lomdlali wasemuva weRichards Bay, uTshepo Mabua obethi ulingqofela emuva, ephasela unozinti wakhe ibhola.

Nokho alifikanga njengoba lificwe uTshepo Mashigo, obe eseliphambanisa nonozinti, lakhala enethini. 

IMagesi ibe seyingena emdlalweni, kwacaca ukuthi kuzoba nzima kwiRichards Bay ukuthi ibuye kulo mdlalo.

Yize izamile futhi icishe yalithola igoli ikakhulukazi ngasekupheleni komdlalo, igcine iguqile iNatal Rich Boyz, kwadlula iMagesi.