
Okwenze uMiddendorp ajike emnyango kuMaZulu
- Alfred NGUBANE
U-Ernst Middendorp ubesekulungele ukupakisha izikhwama zakhe alibangise eThekwini ukuyojoyina AmaZulu FC.
ILisenethini ibike ngesonto elidlule ukuthi lo mqeqeshi usezingxoxweni futhi sebevumelene noSuthu, sekusele kusayinwe, kumenyezelwe.
Nokho ezintsha eziqhamuka ngaphakathi Osuthwini zithi uMazinyo usejike umqondo, akayi eThekwini, usezohlala kwiCape Town Spurs.
Umthombo weMpempe osondelene naleli qembu, uthi uMiddendorp ukhale ngokuthi kukhona abasethimbeni labaqeqeshi angeke akwazi ukusebenza nabo.
“Ubuyele ejimini yeSpurs. Ukhale ngokuthi kuMaZulu kunabantu aphoqwa ukuthi asebenze nabo kanti yena akayizwa leyo.
“Uyamazi ke, uyayimela into yakhe futhi ubengeke asebenze ngaphansi kwemibandela yabaphathi,” kusho lo mthombo.
Ubuye waveza ukuthi leli qembu selijikele kuClinton Larsen weMagesi FC, ukuthi azothatha lo msebenzi osale uvulekile kulandela ukuhamba kukaPablo Martin.
Uveze ukuthi sekunezinguquko ezikhona vele ethimbeni labaqeqeshi abakhona njengamanje kuMaZulu.
“Njengamanje sebeqashe omunye ozophatha iDDC (DStv Diski Challenge) okusho ukuthi uKanu (Vusumuzi Vilakazi) uya eqenjini elikhulu.
“Kodwa akezukuba umqeqeshi, uzoba yiphini likaLarsen okunguyena osehamba phambili kwababhekwe kulo msebenzi.”
