
UThembinkosi Lorch uyaqala, uveza umehluko weWydad neDowns
UThembinkosi Lorch uthi ukujwayela impilo yaseMorocco ngenye yezinto athole kungelula ukubhekana nazo.
Lo mdlali oneminyaka engu-31 ubudala ujoyine iWydad Athletic Club ngoJanuwari ebolekiswe yiMamelodi Sundowns.
Njengamanje neWydad e-United States, lapho bezobhekana khona neManchester City emdlalweni wabo wokuvula kuGroup G weFifa Club World Cup.
Lo mdlalo useLincolyn Financial Field ngoLwesithathu kusihlwa. IJuventus ne-Al Ain ngamanye amaqembu akuleli qoqo.
UThembinkosi Lorch, uyawuqala lo mdlalo neMan City, kanti uvumile ukuthi ukujwayela impilo kwiWydad kube yinselelo.
“Akulula ukusuka eNingizimu Afrika uya eMorocco,” usho kanje kwabezindaba.
“ENingizimu Afrika, wonke umuntu uyangazi. Kodwa ngesikhathi ngifika eMorocco, akekho owayengazi. kwadingeka ngiqale kabusha ngakhe igama.”
Lesi sihlabani seBafana Bafana sithi ukwesekwa yiqembu kusizile ukuthi sisheshe sijwayele.
“Ozakwethu, abaqeqeshi, nabalandeli bangamukele kahle. Ngizibona sengijwayele kahle manje.”
Uphinde wancoma obengumqeqeshi weWydad uRulani Mokwena ngokwenza lule ngconyana lolu guquko.
“Ngike ngasebenza nomqeqeshi uRulani ngaphambilini kwi-Orlando Pirates nakwiSundowns. Nguye owangiletha kwiSundowns ngisuka kwiPirates.
“Ufana nomfowethu, abuye abe ngubaba. Uma nginezinkinga, ngiya kuye ukuze ngithole iseluleko.”
UMokwena useyishiyile iWydad, kodwa uThembinkosi Lorch usaqhubeka yena kuleli qembu futhi usephenduke isethenjwa muva nje.
Uqhathanise indlela yokudlala yeWydad neyeSundowns, wathi zinokufana, wabe eseveza umehluko.
“ISundowns idlala iTiki Taka. IWydad nayo idlala kanjalo kodwa yona inomdlandla kakhulu uma iya phambili.
“Yilowo umehluko kulamaqembu womabili,” kuchaza lesi sihlabani esaliqala kwi-Orbit College ibhola.
Ukubolekiswa kukaLorch kuphela ngoJuni 30, futhi akukacaci ukuthi uzoqhubeka yini nokuhlala kwiWydad.
