EzintshaKaizer Chiefs

UMathibe uhlonza isisombululo seyonozinti kwiChiefs

Kuzanywe onozinti abehlukene kusukela u-Itumeleng Khune alahlekelwa yifomu yakhe, futhi mhlawumbe nothando lwebhola. 

Kodwa akekho owafike wangena kule ndawo wayenza eyakhe ngokugcwele futhi wenza kwaba nokuzinza epalini leKaizer Chiefs.

Nokho manje umqeqeshi wonozinti kwiKaizer Chiefs, u-Aubrey Mathibe, ukholwa ukuthi isisombululo singase siphinde siqhamuke esikhungweni sabo sokuthuthukisa amakhono.

U-Aubrey Mathibe wenze isitatimende esikhulu, ebiza uBontle Molefe njengonozinti ongcono kakhulu ake wambona yena.

UMathibe uveze imicabango yakhe engxoxweni yakamuva, wathi uMolefe angaba nguyena nozinti olandelayo ozoba mkhulu kule kilabhu enkulukazi ezweni. 

Yize ekhushulelwe eqenjini elikhulu eneminyaka engu-16 nje kuphela, uMolefe, manje oseneminyaka engu-22 ubudala, akakaze adlale umdlalo osemthethweni. 

Ukulimala kube nomthelela ekubambezelekeni kwenqubekela phambili yakhe, kodwa uMathibe uyalethemba ikhono lakhe, uthi lizomusa kude.

“Kwesinye isikhathi, njengonozinti, kufanele ube nesineke. Ngike ngaba esimweni esifanayo kwamina,” kusho uMathibe kwabeFARPost. 

“Into enhle ukuthi ngihlale ngikhuluma naye ngalokho.”

Ukhumbule isikhathi kwiKaizer Chiefs, lapho edlala khona imidlalo emibili kuphela kodwa waqhubeka nokulwa eqenjini.

“Udinga ukuqhubeka nokusebenza ngokuzikhandla ngoba uNkulunkulu kuphela ozophendula. 

“Njengonozinti, awufani nomdlali wangaphakathi enkundleni,” kuqhuba uMathibe. 

“Ngezinye izikhathi, ungahlala ebhentshini iminyaka emibili kuya kwemithathu ngaphandle kokudlala.”

UMathibe unxuse uMolefe ukuthi alungele ithuba lakhe uma selifika. 

Usebenzise u-Itumeleng Khune njengesibonelo. UKhune waqala kuleli qembu ngo-2004 futhi wagcian eyingqwele nenkakha yekilabhu.

UMolefe unethalente, kodwa ngabe uzosithola isikhathi sakhe sokuphumelela kwiChiefs? Yisikhathi kuphela esizosho.

Uqhudelana nalowo ophuma enkulisa yekilabhu njengaye, uBruce Bvuma, uFiacre Ntwari noBrandon Petersen okwamanje kuMakhosi. 

UNtwari ungunozinti onamava futhi uyisethenkwa seqembu lesizwe laseRwanda. 

Kodwa uthwale kanzima kwiChiefs kanti yinto efanayo nangoPetersen noBvuma.