EzintshaKaizer Chiefs

USithebe uveza into eyamkhinyabeza kwiChiefs

USiyethemba Sithebe ungomunye wabadlali abasayinwa yiKaizer Chiefs bethwelwe ngeqoma kodwa bafika basindwa yizinyawo eNaturena. 

Lo mdlali oneminyaka engu-31 odabuka eNewcastle, KwaZulu-Natal, waze wahlala izinyanga eziyisithupha engadlali ngoba elubalubela ukuya eNaturena. 

AmaZulu FC – ayekade ekuwo – ammisa ekudlaleni eqenjini elikhulu njengesijeziso sokusayina kwakhe neChiefs. 

Efika eNaturena kwakunesasasa, hhayi nje ngoba enenswebu yenkakha uSiphiwe Tshabalala kuphela, kodwa nangebhola wayethembisa ukuthi uzoba ngumdlali omqoka. 

Kodwa uma ubuyela esikhathini samanje, uSithebe useshiyile kwiChiefs futhi usezama ukuzakhela igama kabusha kwiRichards Bay. 

Useveze enye yezinto athi zamkhinyabeza ekutheni athuthuke, agcine engumdlali omqoka kwiChiefs. 

Uthe ukushintshwa njalo kwabaqeqeshi kwaba nomthelela ekutheni angakwazi ukubamba umgqigqo eqenjini. 

USithebe ufikele ku-Arthur Zwane, ophathe isizini eyodwa, waphuma kanje kwangena uMolefi Ntseki, kodwa naye washeshe waxoshwa. 

Isizini yakhe yokugcina iphele esedlala ngaphansi kukaCavin Johnson futhi bese kuthembisa ukuthi useyawubamba umgqigqo. 

Nokho abaphathi banqume ukungayivuseleli inkontileka yakhe njengoba manje esekwiRichards Bay nje. 

“Ngingasho nje ukuthi leyonto (yokushintshwa kwabaqeqeshi) iyabadidisa abadlali ngoba abaqeqeshi ngokwehlukana kwabo banezindlela ezihlukile.

“Ngakho-ke ngokwami, ezinye izindlela zokudlala ngeke zihambelane nabo bonke abadlali,” kusho uSithebe kwabeFARPost. 

“Ukufika komqeqeshi omusha kuphazamisa ngisho abadlali abebedlala njalo eqenjini. Ebholeni kuzohlezi kuba nezinguquko. 

“Kodwa lezo zinguquko ziyabaphazamisa abadlali, bagcine bengasafani nabebeyikho ngaphambilini, ngaphambi kokufika komqeqeshi omusha. 

“Kwesinye isikhathi uzothola abadlali abebengasajwayele ukudlala bethola ithuba lokuqala imidlalo, bese abebedlala njalo babekwe ebhentshini.”

Uthe noma kunjalo, uyazi ukuthi yizinto zakhona ebholeni ukushintshwa kwabaqeqeshi ngakho bona kumele bazame ukusheshe bajwayele okufika nomqeqeshi omusha.  

“Khona izinto ezinjalo ziyenzeka ebholeni. Ngakolwami uhlangothi, kwisizini yami yokuqala ngadlala imidlalo eminingi.

“Ngangifika eqenjini elikhulu elinabadlali abaningi abalwela indawo eyodwa, ngakho ukudlala imidlalo engaphezu kuka-20 ngingathi kwaba yimpumelelo. 

“Kwisizini yesibili ngaphazanyiswa wukulimala, ngaleyo ndlela angangakwazi ukudlala njalo. 

“Benginenkontileka yeminyaka emibili, nokuthe uma iphela, ayangabe isavuselelwa,” kuchaza uSithebe.