EzintshaOrlando Pirates

USipho Mbule uphawula ngesahluko esisha kwi-Orlando Pirates 

Futhi uzakale egcwele ukubonga njengoba eqala isahluko esiha kwelinye lamaqembu amakhulu nanabalandeli abaningi eNingizimu Afrika.

UMbule, odume ngelikaMaster Chef, wethulwe ngesonto eledlule njengomdlali wamaBhakabhaka. 

Yize imininingwane yenkontileka yakhe ingadalulwanga, into eyodwa ecacile ukuthi uSipho Mbule usekhona futhi usekulungele ukupheka kwi-Orlando Pirates.

USipho Mbule uyingxenye yabadlali abasha abasayinelwe ukwakha kabusha iqembu kwi-Orlando Pirates, kanti ufike nabanye abayisikhombisa: 

  • Tshepang Moremi
  • Sihle Nduli
  • Sinoxolo Kwayiba
  • Tshepo Mashiloane
  • Masindi Nemtajela
  • Nkosikhona Ndaba
  • Yanela Mbuthuma

Ikilabhu ibe nohambo lwalo olusemthethweni lokubethula ezinhlakeni zalo zonke ngoMsombuluko.

Kulapho laba badlali bethole ukwazi kabanzi ngazo zonke izinhlaka nomlando ocebile namasiko ePirates. 

Izindawo abazihambele bezihlanganisa isizinda la iqembu liziqeqeshela khona eRand Stadium, iZodwa Khoza Foundation, nokuvakashela e-Orlando Stadium, kwesikMaminzela.

Baphinde bahlangana nezingwazi zeBucs uTebogo Moloi, uLucky Lekgwathi, uHappy Jele, u-Edward “Magents” Motale, no-Innocent Maela.

Ekhuluma kwiPiratesTV ngemuva kwalolu hambo, uMbule uveze imicabango yakhe yokuqala njengomdlali weBucs.

“Lokhu kwethulwa kwethu ezinhlakeni zeqembu kwanamuhla kuzosisiza kakhulu,” kusho lo mdlali obhekwe ngabomvu.

“Manje sesiyazi ukuthi siziqeqeshela kuphi. Futhi izingqondo zethu sezilungiselela inselelo ezayo.”

Njengoba sekusondele ukuqala kwezinhlelo zokulungiselela isizini entsha nje, wonke amehlo azobe ekulo mdlali.

Phela kubhekwe ngabomvu ukubona ukuthi uSipho Mbule uzolisebenzisa kanjani leli thuba alinikwe yi-Orlando Pirates kungazelele muntu.

Leli qembu limsayine kade eseqale ukuphenduka inukani kulandela izigemegeme zokungaziphathi kahle kwakhe. 

Kodwa ngokwamazwi akhe nangendlela abebukeka ngayo — uMaster Chef usekulungele ukupheka kwiBucs.