EzintshaOrlando Pirates

USipho Chaine uxwayisa ngokungaba yingozi kwiBucs

Ukunqoba e-Algiers kuyibeka ethubeni elihle lokudlulela phambili, kodwa unozinti uSipho Chaine usexwayise ngokuthi umlenze wesibili ngeke ube lula.

I-Orlando Pirates inqobe 5 July 1962 Stadium ebigcwele phama abalandeli beMC Alger ngoLwesibili ebusuku. 

UMohau Nkota ushaye igoli okube yilo lodwa kulo mdlalo ngomzuzu ka-65 kade esanda kungena esuka ebhentshini. 

Yize iPirates iwinile, yiMC Alger ebiphethe umdlalo. Futhi uSipho Chaine kudingeke asebenze ngampela ukuchitha imizamo yayo.

Yingakho efuna ukuthi baqaphele ngampela esiwombeni sesibili ukuze bangajumeki.  

“Kufanele siphinde siqinise emizuzwini engu-90 elandelayo ngoba njengamanje asikaqedi. 

“Ngeke kube lula. Kuzodingeka sinamathele ndawonye futhi sisebenze kanzima,” kusho uSipho Chaine.

Umqeqeshi wePirates uJose Riveiro naye uvumile ukuthi impi ayikapheli. 

Uncome ukuqina kweqembu lakhe kodwa uyazi ukuthi kusamele baqedelele umsebenzi ekhaya.

“IMC Alger idlale ngamandla amaningi nangoolaka, njengoba besivele silindele. 

“Basicindezele kanzima, ikakhulukazi esiwombeni sokuqala, okwenze kwaba nzima ukudlala umdlalo wethu. 

“Kodwa sikwazile ukuvala kahle emuva futhi sabaphoqa ukuthi badlalele ezindaweni ezingenabungozi kangako,” kusho uRiveiro.

Uqhube wathi iqembu lakhe lithuthukile, laba ngcono kakhulu ngesiwombe sesibili. 

“Sizamile ukudlala kakhulu engxenyeni yabo kodwa bekunzima. Sisebenze kanzima ukubavimba ngemizuzu yokugcina. 

“Bekuwumlenze wokuqala we-quarterfinal lona. Kodwa sisaqede imizuzu engu-90 nje kuphela — siseneminye angu-90 esilindile e-Orlando.”

Umdlalo womlenze wesibili ungoLwesithathu oluzayo. Ukunqoba noma ukudlala ngokulingana kuzosho ukuthi seyiqedile. 

Kodwa-ke, i-MC Alger izobe ilangazelela ukuguqula izinto. Nokho ngaphambi kwalowo mdlalo, ezikaRiveiro zinomunye.

IPirates inomdlalo weBetway Premiership nePolokwane City ngoMgqibelo ngo-3 ntambama ekuhambeni.