
Okwenza uHunt afune ukuyigila iKaizer Chiefs kwiNedbank Cup
ALFRED Ngubane
Ingase ihlangane nezimbila zithutha, ziholwa ngemhlophe phambili iKaizer Chiefs uma seyiqala umkhankaso wokuvikela iNedbank Cup.
Amakhosi anqobe le ndebe ngesizini edlule, eqeda indlala yezindebe yeminyaka eyishumi.
Manje azoqala umkhankaso wokuyivikela ngomdlalo othanda ukuba nzima njengoba eqhathwe neStellenbosch FC ecijwa uGavin Hunt.
Lo mqeqeshi okungamakadebona usetshele iLISENETHINI ukuthi banezinhloso ezinkulu ngeNedbank Cup.
Ngakho iKaizr Chiefs izozithola isenkingeni ngoba ngeke bavume ibakhiphe ekuseni kulo mqhudelwano.
UHunt uthi njengoba bezimisele ngokubuyela kwiCaf Confederation Cup ngesizini ezayo, iNedbank Cup yiyona kuphela indlela abanayo.
Phela iStellies idonsa nzima kwiligi futhi akubukeka isangakwazi ukuqeda ezindaweni ezintathu eziphezulu kwiBetway Premiership.
“Ngiyazi kunomlando ophakathi kwalamaqembu wokuthi iKaizer Chiefs iyasihlula esikhathini esiningi,” kusho uHunt.
“Kodwa ngicabanga ukuthi kuphelile lokho njengamanje. Lowo mlando sizowuguqula manje uvune thina.”
FUNDA NALA | UComitis necebo lubuyisa iCity kwiBetway Prem
Yize uHunt ebheke ukubuyela ngokunqoba iNedbank Cup kulo mqhudelwano weCaf, isangabuyela njengompetha bawo.
IStellies ihlezi endaweni yesibili kuGroup C weConfed Cup kanti isethubeni elihle lokudlulela esigabeni somkhumulajezi.
Lo mdlalo wayo neChiefs – osuvele ubhekwe ngabomvu – uzoba ngoLwesithathu lukaFebhuwari 4.
