EzintshaKaizer Chiefs

UMfundo Vilakazi uveza afisa ukukwenza koweGallants

Lo mgomo ucacile: kumele banqobe lo mdlalo weGallants ukuze bakwazi ukugxuma beqe i-Orlando Pirates kwilogi ukuze bayifakele ingcindezi.

Amakhosi aseBloemfontein la ezodlala khona neGallants ngoLwesithathu ebusuku eDr Petrus Molemela Stadium – umdlalo uqala ngo-7.30 ebusuku.

Ukunqoba kuzowanika amaphuzu amathathu azokweba abe nangu-30. Lokho kuzoyeqisa iPirates okuyiyo esendaweni yesibili njengamanje.

IChiefs izobe izimisele ngokubuyisa izinduku ngemuva kokubanjwa yiGallants ngo 1-1 emdlalweni womzuliswano wokuqala eFNB Stadium. 

Ngesikhathi iKaizer Chiefs igcina ukushaya iGallants eBloemfontein ngoSepthemba ka-2024 uMfundo Vilakazi washaya igoli.

“Uma sidlala ibhola lethu, imiphumela izozifikela nakanjani, ” kusho uMfundo Vilakazi kwisizindalwazi seKaizer Chiefs. 

“Kungaba kuhle ukuthola amanye amaphuzu amathathu ekuhambeni. 

“Ukushaya igoli sibhekene nabo kwangiqinisa engqondweni, futhi ngingathanda ukuphinde ngikwenze namanje.”

IChiefs ibhekene nesimiso esinzima semidlalo elandelana eduze. Iya kulo mdlalo nje ibuya eZambia lapho idlale khona neZesco United kwiCaf Confederation Cup ngeSonto.

Izophinde ibhekane nalezi zinkunzi zaseZambia eMoses Mabhida eThekwini kule mpelasonto.

Kodwa ngaphambi kokuthi bagxile kulowo mdlalo kumele baqede ngeGallants ebheke ukuvuka ngabo ngemuva kokuhlulwa emdlalweni odlule.

“Ngenxa yekhefu le-Afcon, sincane kakhulu isikhathi phakathi kwemidlalo,” kusho uVilakazi. 

“Kodwa kufanele silungise ngokushesha. Wonke umuntu udinga ukufaka isandla, futhi into ebaluleke kakhulu manje ukulungela le midlalo esheshayo.” 

Manje wonke amehlo azobe ebheke eBloemfontein njengoba iChiefs ijaha amaphuzu amatathu azoyenza yeqe izimbangi zayo.